Ezemidlalo Ibhola

OwePirates akazwani nabadlali ‘abanamalimu’ ebhokisini

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou okulindelwe lukhulu kuyena kwazise uthole isikwati esiqine cishe ukuzedlula zonke kwiBetway Premiership

Image: ORLANDO PIRATES FACEBOOK

UMQEQESHI omusha we-Orlando Pirates odabuka eMorocco, u-Abdeslam Ouaddou, akazange achithe isikhathi ukubadonsa ngendlebe abadlali baleli qembu ngokungezwani kwakhe nomkhuba wokuvukwa ‘amalimu’ uma sebengene ebhokisini.

U-Ouaddou ongene esikhundleni sikaJose Riveiro ngenyanga edlule ubhekene nomsebenzi onzima wokugcina inqola yePirates ishosholoza ikakhulukazi ezinkomishini.

Enkulumweni yakhe yakamuva nePirates TV lo mqeqeshi oseke wadlalela iFulham yase-England ugeqe amagula ngendlela afisa iqembu lakhe lidlale ngayo njengoba selizosebenza ngaphansi kwesandla sakhe.

Sibonakale okokuqala isandla sika-Ouaddou ngesikhathi iPirates ithelwa phansi yiBolton Wanderers yase-England kowobungani obuseMarbella Football Centre, eSpain, izolo emini.

Kulo mdlalo lo mqeqeshi uqalise kakhulu abadlali abebevele bejwayele ukuqala imidlalo ngesizini edlule, kwathi kwesesibili wafaka abajwayele ukuba sebhentshini kanye nalaba abasanda kusayiniswa.

IPirates ingelinye lamaqembu elisiqinise ukuwedlula wonke isikwati ngaphambi kokuqala kwesizini ngoSipho Mbule, Sinoxolo Kwayiba, Tsepang Moremi, Oswin Appollis noYonela Mbuthuma ukubala abambalwa.

Kule nkulumo nePirates TV u-Ouaddou uyavuma ukuthi kufanele kube nongabazane ngaye ngoba akazelwa lutho kodwa uyabuqonda ubukhulu bomsebenzi ophambi kwakhe.

Ngaphambi kwale nkulumo, ithimba labezindaba lePirates liphanyeke i-video yalo mqeqeshi esejimini nePirates lapho ekhuluma khona nabagadli.

“Angizwani nomdlali onanazayo uma esesebhokisini! Angidlali ngalokho. Ngifuna indluzula uma sesingene ebhokisini. Ngifuna sibulale kwasani,” kusho u-Ouaddou ko-Evidence Makgopa, Tsegofatso Mabasa nabanye kule video.

“Isifiso sami esikhulu ukuba neqembu elingadingi ukutshelwa ukuthi yini okufanele yenziwe ngebhola nganoma yingasiphi isikhathi somdlalo,” kusho u-Ouaddou.

“Ngifuna abadlali abangatshelwa uma kufanele simake noma kufanele sihlasele. Ngifuna lokhu kube segazini yingakho sizochitha isikhathi esiningi sijwayezana kona.

“Kumqoka ukuthi iqembu lami likuthokozele elikwenza enkundleni ngesikhathi esifanayo uma kufanele lifele khona kube yinto okungadingi ukuthi uze uyitshele abadlali.

“Konke lokhu kulele ekutheni sisebenze ngokuzikhandla ukuze namaqhinga ethu asheshe ahlangane. Okokugcina nokuyikhona okungibusa enhliziyweni wukuqonda ukuthi sidlalela bani.

“Kuwumsebenzi wethu kusukela kimina kuya kubadlali ukuthokozisa abalandeli bethu hhayi ngemiphumela kuphela kepha nangendlela yokudlala eyenza bazishaye isifuba ngeqembu labo,” kusho u-Ouaddou.

IPirates isizobhekana nePafos FC yaseCyprus ngeSonto ngo-11 ekuseni bese idudulana neLas Palmas (ngoLwesine) neGranada FC (ngoJulayi 19) okungamaqembu akhona eSpain.