UMGADLI weMaritzburg United, uJudas Moseamedi, uveze ukuthi bawafuna ephelele amaphuzu emdlalweni wabo wokuvala isizini yeDStv Premiership naMaZulu FC.
Lo mdlalo olindeleke udle ngokukhanga ngenxa yokubanga ubukhaya nokuthi ngubani inkunzi, uzodlalelwa eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu namuhla ngo-3 ntambama.
Exoxa neSolezwe ngoMgqibelo ukubeke kwacaca ukuthi bawadinga ephelele amaphuzu kulo mdlalo yize bedlala naMaZulu okuthe phakathi nesonto anqoba umdlalo wawo neSwallows FC, kuwenze azibekela indawo emidlalweni yeCaf Champions League ngokuqeda endaweni yesibili.
Leli qembu laseMphithi lidinga iphuzu elilodwa okungenani ukuqinisekisa ukuthi lihlala kwiDStv Premiership, ekubeni ngakolunye uhlangothi uSuthu lungasekho ngaphansi kwengcindezi yokulwela amaphuzu kulo mdlalo, kwazise seluwele ngelibanzi.
“Indawo esikuyona kwi-log ayiyinhle, futhi nathi njengabadlali beqembu sikuqonda kahle ukubaluleka kokubuya namaphuzu kulo mdlalo naMaZulu, ikakhulukazi futhi njengoba sizobe sidlalela ekhaya.
“Sakwazi ukubabamba emzuliswaneni wokuqala (zabambana ngo-0-0), futhi sikwazile ukubabuka emidlalweni yabo yakamuva sabona lapho benamaphutha khona, ngakho siyakwazi esikulindele kulo mdlalo esiyowudlala nabo.
“Emdlalweni walolu hlobo, womkhaya baseKZN, cishe wonke umdlali osuke esesikimini esiqala umdlalo usuke engakudingi ukukhuthazwa ngoba usuke ekwazi kahle okulindelwe kuye. Ngakho-ke yilokho okungenza ngisho ngokungangabazi ukuthi sizolwela ukubuya nawo ephelele amaphuzu kulo mdlalo,” kusho uMoseamedi.
Nakuba uSuthu lungeke lusagudluka endaweni yesibili kwi-log ngemuva kweMamelodi Sundowns ehlezi phezulu nezogcotshwa ngokusemthethweni njengompetha beligi namuhla, akubukeki luzowuthatha kalula lo mdlalo ngenhloso yokulwela ukuvala isizini ngomgqigqo ophezulu.
Ezika-Ernst Middendorp njengamanje ezisendaweni ka-13 kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-29, zisembangweni oshisa phansi neStellenbosch FC esendaweni ka-14 ngamaphuzu angu-28 neChippa United esendaweni ka-15 ngamaphuzu awu-26, wokugwema utalatiya lokuyodlala kumaPlay-Off namaqembu amabili eGladAfrica Championship.
Phakathi kwala maqembu womathathu elinye lawo lizodlala amaPlay-Off, kwazise iBlack Leopards esendaweni ka-15 kwi-log isivele idliwe yizembe kwiPremiership.