ISIBABULI seMaritzburg United uTebogo "Messi" Tlolane, sibona ubungozi obukhulu kwiKaizer Chiefs uma bezoyikala ngamehlo njengamanzi ophuthu emdlalweni weDStv Premiership ozoba ngoMgqibelo ngo-5 ntambama, eFNB Stadium.
Ziya kulo mdlalo nje, iMaritzburg inokuzethemba okuphindiwe ngemuva kokunqoba umdlalo wayo wokuqala kwisizi ka-2020/2021 ngokwehlula iBloemfontein Celtic ngo 2-1 ngeledlule. Ngakolunye uhlangothi iChiefs isanda kushaya iC.D Primiedo de Agosto yase-Angola, ngo 1-0, emdlalweni weCAF Champions League. Yize kunjalo, aziyihambeli kahle izinto iChiefs kwiDStv Premiership njengoba isanqobe umdlalo owodwa vo kweyisishiyagalombili.
UTlolane uthe ukuzethemba kuphezulu kubona ngemuva kokuthola amaphuzu aphelele bedlala neSiwelele, kodwa wathi uma bengaya ngokuthi Amakhosi awenzi kahle kwiPremiership, bangaphoxeka.
"IChiefs iseyiqembu elikhulu namanje. Yebo abenzi kahle kwiPremiership kodwa lokho akufanele kusenze ukuthi sicabange ukuthi sizozigwazela ibhece. Sizobe sidlalela ekuhambeni, ngakho kubalulekile ukubahlonipha, sazi ukuthi sibhekene neqembu elikhulu. Nabadlali bayo basezingeni eliphezulu. Kubalulekile ukuthi siqhubeke njalo nokuqoqa amaphuzu, ngoba sifuna ukusuka endaweni eyingozi," usho kanje uTlolane.
IMaritzburg isanda kujoyinwa isitobha esinesipiliyoni uClayton Daniels obedlalela iSuperSport United. UTlolane uthe ukufika kukaDaniels kubasize kakhulu njengoba isipiliyoni sakhe sesiqalile ukubonakala.
Ungumuntu okhulumayo uma into engayiboni kahle. Nasenkundleni uma siziqeqesha, uyasilekelela kakhulu. Ukusebenzisana kwakhe noNazeer Allie naye omnkantshubomvu ebholeni lakuleli ngikubona kuzosisiza kakhulu sibheke phambili," kulandisa uTlolane.
Eqhubeka echaza uTlolane, uthe umqeqeshi wabo u-Ernst Middendorp, akavumanga ukuthi bajabule ngokweqile ngesikhathi beshaya iCeltic.
"Wasitshela ukuthi kumele sikhohlwe sidlule emdlalweni weCeltic, sibheke olandelayo neChiefs. Wasicacisela kahle ukuthi asikaphumi nhlobo engozini, ngakho kumele siqhubeke nokuqoqa amaphuzu. Engingakusho nje ukuthi yize sesikhohliwe umdlalo weCeltic, kodwa kwakubalulekile ukuthi sithole amaphuzu aphelele kuloya mdlalo, ngoba ukuzethemba kuphezulu. Noma siziqeqesha, indlela abafowethu abaphusha ngayo iyabonakalisa ukuthi ukuzethemba kubuyile," kusho uTlolane obelekisile kwiTeam Of Choice njengoba engumdlali we-Orlando Pirates.
Umgadli weKaizer Chiefs uLazarous Kambole odabuka eZambia, uthe kuzovuka iminjunju emidala uma sebehekene nomqeqeshi wabo omdala uMiddendorp kulo mdlalo obhekwe ngabomvu.
"Kuzoba nzima (ehleka). Imicabango yakudala izovuka kadeni ngoba sizobe sibhekene nomqeqeshi wethu omdala, kodwa-ke ibhizinisi yibhizinisi. Bazoza kuthina begqugquzelekile ngoba basanda kunqoba umdlalo wabo wokuqala kwisizini ngeledlule. Nokho sekunesikhathi sidlala kwiPremiership, siyazi ukuthi kumele silindeleni," usho kanje uKambole.
Ngesizini edlule, uKambole ukwaze ukushaya igoli elilodwa vo isizini yonke. Lelo goli walishaya kwi-bio bubble iChiefs idlala ngokulingana ngo 1-1 neStellenbosch FC.