UMGADLI weKaizer Chiefs, u-Ashley du Preez, ngomunye wabadlali okubhekwe ukuthi bashayele leli qembu amagoli.
Image: BACKPAGEPIX
UBUMQOKA bomdlalo wakusasa weBetway Premiership phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abupheleli emaphuzwini womabili la maqembu awadingayo ukuze afeze izinhloso zawo kwiligi kodwa uzophinde unike abalandeli isithombe sokuthi bangalindelani uma esehlangana kowamanqamu eNedbank Cup ngesonto elizayo.
Amakhosi neZimnyama bazoqala ukususa umsindo ezweni koweligi eFNB Stadium kusasa ngo-3 ntambama, ngaphambi kokuthi baphinde bagijimisane koweNedbank eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, ozayo.
Alikho ithuba lokuthi owakusasa uphenduke owokungcweka nje kwazise ezasePhefeni ziwadinga ephelele amaphuzu ukuze zibuyele kwiTop 8, kanti nezikaMagebhula kufanele zinqobe ukuze zizigcine embangweni wesicoco seligi, noma okungenani ziqinisekise ukuthi azigudluzwa endaweni yesibili.
Nakuba kungajwayelekile ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zibhekane emasontweni alandelanayo kodwa kuke kwenzeka phambilini.
-NgoSepthemba ka-2011, iPirates yanqoba iChiefs ngo 1-0 kowamanqamu weMTN 8, ngempelasonto elandelayo Amakhosi abuyisa izinduku, anqoba ngo 2-1 koweligi.
-NgoNovemba ka-2015, Amakhosi enza okufanayo ekhipha iPirates kowandulela owamanqamu weTelkom Knockout sekukhahlelwa amaphenathi, ekubeni iqembu lase-Orlando lalikade liyiqumbe phansi ngo 3-1 koweligi.
-Ngesikhathi egcina ukugadulisana imidlalo ilandelana ngoNovemba ka-2019, iChiefs yawashisa iPirates ijezi kowandulela owamanqamu weTelkom Knockout, yaphinde yayinqoba ngo 3-2 koweligi.
Iqembu likaNasreddine Nabi liguqiswe yiMarumo Gallants ngo 2-1 kowakamuva weligi, kanti sekujwayelekile ukuthi lihluleke ukubamba umgqigqo imidlalo ilandelana, nokuyinto abalandeli abayibhekile kule midlalo emibili nezimbangi zalo ezinkulu.
Nakuba iPirates kuyiyona ebizongena kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma ngenxa yokuthola imiphumela engcono kule sizini, okuhlanganisa nokuthela phansi iChiefs ngo 1-0 ngesikhathi bebhekana okokuqala ngoFebhuwari, imiphumela yakamuva yeqembu likaJose Riveiro isidale imibuzo mayelana nelizokwenza kule midlalo emikhulu.
Ezimnyama zikhishwe yiPyramids ngo 3-2 kowandulela owamanqamu weCaf Champions League ngempelasonto edlule, ngaphambi kokuthi ziqunjwe phansi yiSekhukhune United ngo 1-0 koweligi ngoLwesithathu.
URELEBOHILE Mofokeng ongomunye wabadlali abahamba phambili ekushayeni amagoli kwi-Orlando Pirates.
Image: BACKPAGEPIX
-Kwiligi iChiefs ibalwa namaqembu abuthaka emuva, njengoba isingenelwe amagoli angu-29 emidlalweni engu-25. IPirates ingelinye lamaqembu anodonga oluqinile kwazise emidlalweni engu-21 yeligi asangenelwe amagoli angu-15 kodwa izodlala singekho isitobha, uNkosinathi Sibisi, kulandela ukuthola ikhadi elibomvu.
-IChiefs isashaye amagoli angu-23 kuphela emidlalweni engu-25 futhi izodlala engekho umgadli wayo ohamba phambili ngamagoli, uWandile Duba, omiswe ngenxa yokuqoqa amakhadi aphuzi. AmaBhakabhaka anamagoli angu-32 emidlalweni engu-21 yeligi.
UMQEQESHI weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi
Image: BACKPAGEPIX
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi uthe: “Ngeke kuthuse uma lo mdlalo unqotshwa yithina, kanjalo noma unqotshwa yiPirates. Noma iqembu lethu lingekho endaweni enhle kwi-log kodwa kuzobe kuhlangene amaqembu amabili amakhulu, okusho ukuthi kungenzeka noma yini.”
Umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uthe: "Ingcindezi ihambisana neqembu esikulona, ikakhulukazi uma kuwumdlalo wabakhaya. Siyakwazi okudingekayo, akukho okusha. Kuzobe kuwumdlalo wami wokugcina wabakhaya eFNB, ngakho-ke ngingathanda ukuthi siwunqobe njengoba senza ngoFebhuwari, kodwa into esiyidinga kakhulu amaphuzu kunamarekhodi.”
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro
Image: BACKPAGEPIX
Related Topics: