ISIBABULI samaqembu esizwe akuleli, uThabo Cele, sibhoboka ngobunzima esibhekene nabo kwiRKS Radomiak Radom yasePoland esisanda kuyijoyina.
Ekhuluma neSolezwe ngeWhatsapp Call kuleli sonto, ezilalele embhedeni wakhe, ePoland, uveze ukuthi akazi ukuthi ngabe uyini ukuba eqenjini lakhe elisha kabekho abadlali basePortugal naseBrazil asebephunduke otolika bakhe.
Uthe okwenza kube nzima ukuthi iningi labadlali ngisho nethimba labaqeqeshi beRadom eteketiswa ngeZieloni, kabasazi isiNgisi. Naleyo ngcosana esaziyo kayizihluphi ngaso, kodwa izikhulumela isi-Polish.
UCele osikhipha ngamakhala isiPortuguese ngenxa yokudlala iminyaka emihlanu ePortugal, uthe semphoqeleke ukuphenduka abangani nalabo tolika bakhe.
"Ngeke ngiqambe amanga, impilo ihluke kakhulu lapha ePoland, akufani nasePortugal. Into engishaya kakhulu ulwimi lwakhona. Nabantu bakhona kabazihluphi ngokuthi uyaluzwa noma cha. Lokhu kwenza kube nzima uma sijima. Umqeqeshi imiyalelo esikhathini esiningi uyikhipha ngesi-Polish. Neningi labadlali lizikhulumela lolu lwimi. Hheyi, laba bantu bayaziqhenya ngolwimi lwabo.
“Sengisindela laba badlali baseBrazil nasePortugal abasaziyo. Ngisizwa nawukuthi ngokwami ibhola liyafana. Uyalibamba bese ulivezela uzwakwenu esikhaleni. Into eba yinkinga ukuqonda indlela umqeqeshi afuna sidlale noma sisebenzise ngayo amaqhinga akhe. Ngiyazazi ngiyisosha, njengoba ngakwazi ukufunda isiPortuguese nesi-Polish ngizozama ukusifunda,” kusho uCele.
Uqhube wathi: "Ngaphandle kobunzima bolwimi, enye inkinga iqhamuka uma sizihambela kwizinxanxathela zezitolo. Abantu bakhona bayaxwayana, uyabona nje ukuthi bayazibuza ukuthi lo muntu womdabu ufunani ezweni labo. Ngivele ngizifakele ama-earphone, ngizidlalele umculo. Kunesikhathi lapho engike ngazitshela ukuthi yimi ngedwa owoHlanga kuleliya lizwe. Ngelinye ilanga ngajabulisa okwengane ngibona abanye bakithi, abamnyama".
UCele okhiqizwe iKZN Academy, ePortugal ugcine ukubonakala kwiC.D. Cova da Piedade engayivuselelanga inkontileka yakhe. Wafikela kwiReal S.C edlala esigabeni sesithathu kuleliya lizwe.
IRadom ecijwa uDariusz Banasik, imthathe emuva kokudlala kahle kuma-Olympic Games abeseTokyo, eJapan ngo-Agasti.
UCele uthe akazisoli nakancane ngokuya kwi-Ekstraklas okuyiligi enkulu ePoland.
Uthe uzoyisebenzisa njengesitebhisi sokuya kumaligi amakhulu emhlabeni.
IRadom isendaweni ka-11 emidlalweni eyishumi.
UCele akakadlali nowodwa. Lo mdlali uke wamataniswa neKaizer Chiefs ngaphambi kokuthola iqembu elisha kodwa uthe ukhethe uqhubeka nokuyibamba phesheya.
"Kungisizile ukuzijimela ngedwa ngesikhathi ngingenaqembu. Sengiqala ukungena egiyeni. Lizongisiza kakhulu leli khefu leFifa lamasonto amabili. Ngicabanga ukuthi uma kubuywa ngizolithola ithuba lokudlala. Noma kunezingqinamba kodwa abaqeqeshi bagculisekile ngebhola lami,“ kusho uCele.