MTHOKOZISI MNCUSENI
UNOZINTI weMarumo Gallants, uWashington Arubi, uzishaya isifuba ngokuba nokhakhayi oluqinile njengoba edlale oweqembu lakhe kwiCaf Confederation Cup neFuturu Kings, enamahora amabili kuphela efikile e-Equatorial Guinea.
IGallants ifulathele iNingizimu Afrika, nabadlali abangu-13 ingenaye unozinti.
Igcine ikhake ngaphansi ngo 2-1 kwiFuturo emdlalweni obungempelasonto edlule, e-Estadio de Mongomo.
U-Arubi obeseqenjini lakhe lesizwe iZimbabwe ngesikhathi iGallants isuka eNingizimu Afrika, kudingeke ukuthi aqale kuleli ngaphambi kokulandela ngoba amanye amaphepha abezodingeka ukuthi angene ngawo e-Equatoreial Guinea, abeseNingizimu Afrika.
Ngaphandle kokuthi kunabadlali abebesemaqenjini abo esizwe, ukuhamba nabadlali abangu-13 kweGallants, kudalwe nawukuthi abadlali bayo abaningi ababhalisiwe kwiCaf.
Leli qembu lilwela ukungena kweyamaqoqo eConfed Cup, yingoba linqobe kwiChippa United kowamnqamu weNedbank Cup ngesizini edlule, ngesikhathi lisaziwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Arubi uthe akuyona into enkulu kuyena wukuthi ufike umdlalo usuzoqala.
“Kusemqoka ukuthi sizincome ngokuthola igoli ekuhambeni ekubeni indlela yethu ibingeyinhle. Sishayiwe yebo kodwa siyazi ukuthi umdlalo wethu wasekhaya usinika ithuba elikahle lokulungisa iphutha,” kusho u-Arubi.
Mayelana nokufika eqenjini sekuhambe isikhathi, u-Arubi uthe: “Uhambo belunzima kodwa akukho ebengingakwenza ngoba nginenkontileka neqembu futhi belingidinga. Yize ngifike umdlalo usuzoqala kodwa ngijabule ukuthi ngigcine ngifikile, kunzima kunjalo. Akukho engibona kuhlukile ngesenzo sami ngoba ngizizwa ngendlela engihlale ngizizwa ngiyiyona. Kusobala ukuthi ukhakhayi luqinile.”
Umqeqeshi weGallants, uSebastian Migne uthe, uyamxolela u-Arubi ngephutha alenzile ngoba uyabuqonda ubunzima abebhekene nabo ngaphambi komdlalo.
“Yize efike sesizoqala kodwa sijabule ngoba ufikile futhi besingeke singamdlalisi. Asikho isidingo sokukhala ngalo mphumela ngoba awumubi kangako uma uzokhumbula ukuthi sisaya ekhaya,” kuchaza uMigne.
Umdlalo womlenze wesibili phakathi kweGallants neFuturo ungoLwesihlanu ngo-3 ntambama, ePeter Mokaba Stadium. Ngaphambi kwalo mdlalo iGallants izogijima koweDStv Premiership neCape Town City kusasa ngo-6 ntambama, e-Athlone Stadium.
Elinye iqembu lakuleli ebeliyibambe kweyeCaf ngempelasonto, AmaZulu FC ahlulelwe ekhaya yiBig Bullets yaseMalawi ngo 1-0. Asezodlala ekuhambeni ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Namuhla AmaZulu azodlala koweligi neSuperSport United, eJonsson Kings Park ngo-5 ntambama.