AKUBANGE kusasebenza ngisho ukulivuma icala kobengumqeqeshi weMarumo Gallants, uSebastien Migne, leli qembu lasePolokwane eliqinisekise ngesitatimende ngeSonto ukuthi selimkhombe afika ngayo.
Lo mqeqeshi waseFrance kuthiwa uxoshelwe isigameko esenzeke ngeledlule ngesikhathi leli qembu lisendleleni ebheke eThekwini, lapho beliyodlala neLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership.
Ngokwalesi sistatimende, uMigne uziphathe ngesinxele ngesikhathi ekhombisa indelelo komunye wethimba labaqeqeshi kwiGallants, uHarris Choeu.
Lokhu kwenzeke esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, eGoli, phambi kwabadlali.
Kuze kube yimanje, iGallants ayikawini kule sizini ngaphansi kwesandla salo mqeqeshi waseFrance, yize ethole iphuzu ebhekene ne-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ngokwahlukana.
Ngaphansi kwakhe futhi uMigne oqale wamiswa njengoba esexoshwa, iGallants idlulele kweyomzuliswano wesibili kweyokuhlungela iCaf Confederation Cup.
“Ngemuva kokuqondiswa ubugwegwe ngoLwesine, iGallants isimxoshile uMigne obeyinhloko yabaqeqeshi,” isho kanje ingxenye yesitatimende.
“Ulivumile icala lakhe lokungamhloniphi uChoeu nokuthi usebenzise ulimi olungahloniphekile ngesikhathi ekhuluma noChoeu.
“Uvumile lo mqeqeshi ukuthi lokhu ukwenze phambi kwabadlali, yingakho ekhululwe ngokushesha emsebenzini wakhe ngeSonto,” kuqhuba isitatimende.
Leli qembu likuvumile ukuthi isikhathi okwenzeke ngaso lokhu asisihle kodwa ngoba naye uMigne uyazi ukuthi enye yezinto ayeqashelwe zona kwakuwukuzoqinisa ukuziphatha kwabadlali, lizithole livaleleke ekhoneni ukuthi lithathe isinqumo.
“Njengabaphathi beqembu, akukho esingakwenza ukuphikisa isinqumo sokuqondiswa ubugwegwe kwakhe ngakho-ke simfisela okuhle kodwa la eya khona,” kusho usihlalo u-Abram Sello kusona kulesi sitatimende.
Umdlalo weGallants olandelayo izobhekana ne-AS Vita yaseDRC ngo-Okthoba 15 ekhaya kwiConfed Cup.
IGallants iqinisekise ukuthi usuku lwalo mdlalo luzofika esekhona umqeqeshi onamaphepha okuwumgomo weCaf.
“Kusemqoka ukuthi sikucacise ukuthi akukho zinkinga esibhekene nazo futhi konke okufanele kwenzeke kuzokwenzeka ngendlela. Abadlali nabaqeqeshi babheke umdlalo olandelayo,” kugoqa lesi sitatimende.
UMigne kungenzeka nokuthi wazidonsela amanzi ngomsele ngesikhathi ekhala ngakubiza ngobuhlathi obuphethwe ngabo leli qembu kade beyodlala eminye yemidlalo yeConfed ekuhambeni. Izikhulu zakuphika ukuthi kukhona ezingakwenzi kahle eqenjini.