UMQEQESHI weTS Galaxy eyibamba kwiDStv Diski Challenge, u-Ashley Makhanya, uthi ukunikwa isipho semidlalo ewu-30 kule sizini kuzobenzela lula umsebenzi wokufeza iphupho lokukhiqiza abanye o-Ethan Brooks abazogcwala emaqenjini esizwe.
IThe Rockets, iDiski Challenge izoyivula neSwallows ngoMgqibelo, ngo-10 ekuseni, eWits Football Stadium.
UMakhanya, ozakhele igama kwiWits eminyakeni edlule, uveze ukuthi zimthokozise kakhulu izindaba zokuthi kule sizini bazothola isikhathi esanele sokucija abadlali babo.
Uthe ukuhlasela kweCovid-19 ngesizini edlule kuphuce abafana bakhe ithuba lokuziveza kwiDiski Challenge. Imidlalo yeDiski Challenge ngesizini edlule igcine idlalwa ngamaqoqo ngemuva kokuma kade kuhlasele iCovid-19.
"Inhlosongqangi yethu ngokudlala kwiDiski Challenge ukukhiqizela iqembu elikhulu abadlali. Kungijabulisa kabi ukuthi sizokwazi ukukuzuza lokhu njengoba abafana bami sebezodlala zimpelasonto zonke baphinde baziqeqeshe nsuku zonke. Alikho elinye ithuba elidlula leli.
“Baningi oBrooks esisazobakhiqiza kulaba bafana abanethalente esinabo. Sifuna abadlali abazoliqhwaga ibhola, bakhonye kuzo zonke izindawo enkundleni, bakhe amathuba baphinde bashaye namagoli ezimeni ezingavumi. Sifuna abantu bakuleli babuke kwiGalaxy lolu hlobo lwebhola zimpelasonto zonke,” kusho uMakhanya.
Lo mqeqeshi uthe uyaziqhenya ngebhola elidlalwe uBrooks eqenjini lesizwe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
UBrooks ngomunye wabadlali abagqamile ngesikhathi iBafana Bafana idlala neGhana kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMsombuluko.
"Kuyangijabulisa ukuthi kuleli iGalaxy iyona ekwazi ukunika abafana abancane amathuba. Iqembu kanye nami siyaziqhenya ngokuthi yithi esinike lo mfana ithuba. Buka nje manje wenzani. Kakuyena kuphela esimkhiqizile, omunye nguMacBeth Mahlangu onyukele eqenjini elikhulu eneminyaka ewu-19, wafike wayishukumisa isizini yonke. Usekwazile ukuzakhela igama. Kuyisifiso sethu ukubona sanda isibalo sabafana bethu abancane begcwala emaqenjini esizwe.“
Mayelana nomdlalo weSwallows, uMakhanya odlale nakwiSantos, uthe unethemba lokuthi iZinyoni zizobanika umdlalo onzima.
"Sifuna imidlalo ezosinika ubunzima kusukela emzimbeni, emqondweni kuya emaqhingeni omdlalo. Ubunzima yibona obuzosiqinisa. Ngesizini edlule basishaye ngo-2-0, nakulokhu silindele umdlalo onzima.“
Imidlalo yeDStv Diski Challenge yangempelasonto:
NgoMgqibelo - Ngo-10am: Chippa United v Royal AM (Wolfson Stadium); Maritzburg United v Sekhukhune United (Harry Gwala Stadium); Swallows v TS Galaxy (Wits Football Stadium).
Ngo-12.30pm: SuperSport United v Mamelodi Sundowns (Wits Football Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: Baroka v Marumo Gallants (Wits Football Stadium); Cape Town City v Stellenbosch FC (Malta Park Sports Complex).
Ngo-12pm: AmaZulu v Lamontville Golden Arrows (King Zwelithini Stadium).
Ngo-12.30pm: Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (Wits Football Stadium).