UMDLALI wasemuva weMamelodi Sundowns, uDevine Lunga, ubona ulwazi abanalo ngezinkunzi zaseGermany, iBorussia Dortmund, luyisikhali okufanele basisebenzise ukuzimangaza emdlalweni ka-Group F weFifa Club World Cup eqhubeka e-United States of America (USA).
Ompetha beBetway Premiership bamangazile ngokuvula iqoqo ngewini ka 1-0 kompetha baseSouth Korea, i-Ulsan HD, phakathi nesonto e-Orlando, Florida.
Le wini etholakale ngegoli lika-Iqraam Rayners, ibeke iSundowns esicongweni seqoqo kulandela ukubambana ngo 0-0 kweDortmund neFluminense yaseBrazil.
ISundowns inethuba lokuzinza esicongweni uma ingehlula iDortmund ngo-6 ntambama e-TQL Stadium, eCincinnati, Ohio.
Okusobala ukuthi lezi zinkunzi zaseGermany zizoqinisa kulokhu kwazise emdlalweni wokuqala kwasala kancane ukuthi zikhale ngaphansi kwiFluminense ethole inqwaba yamathuba.
ULunga odlale kahle emuva kwesokunxele kowe-Ulsan, kulindeleke ukuthi aqhubeke kule ndawo uma sebebhekene naleli qembu elaziwa ngokuhamba amabanga amade kwi-Uefa Champions League.
“Akekho ongabazayo ukuthi siyobhekana neqembu elinjani kwiDortmund kodwa futhi lokhu ngikubona njengesikhali esingayimangaza ngaso,” kusho uLunga ngesikhathi ekhuluma nethimba leSundowns labezindaba.
“Konke okufanele sikwazi ngabo siyakwazi okuhlanganisa nokuthi bazobe sebewukhuphule kangakanani umgqigqo ngokwazi ukuthi uma bezithambisa bazowasha ijezi. Angikholwa ukuthi kuningi abakwazi ngathi okusibeka endaweni engcono kunabo.
“Sinethuba lonke lokubacubungula sibaqede bese sibamangaza ngendlela yethu yokudlala. Konke lapho iSundowns ihamba khona kuyaziwa ukuthi iyawina, ngakho-ke nakulokhu angiboni kukhona isidingo sokwenza ngendlela ehlukile.
“Kusemqoka ukuhlonipha iqembu elikhulu njengeDortmund kodwa lokhu akusho ukuthi kufanele sizithambise. Siyakwazi esikuzele e-USA.
“Sijabule ngendlela esiqale ngayo ngakho-ke asisekho isidingo sovalo ngenxa yegama leqembu eliphambi kwethu. Wonke amaqembu esizobhekana nawo angompetha njengathi emazweni awo, ngakho-ke angisiboni isidingo sovalo."
Omunye umdlalo obubhekwe ngabomvu kwiClub World Cup oka-Group G phakathi kweManchester City neWydad Casablanca yaseMorocco edlalelwa uThembinkosi Lorch noCasius Mailula baseNingizimu Afrika.
Sekungumlando ukuthi iCity inqobe ngo 2-0 wamagoli kaPhil Foden noJeremy Doku kodwa okuqaphelekile kwabaxhumene nonobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, yindlela uLorch adlale ngayo. Kusukela umdlalo uqala ubelokhu eyiphela endlebeni kwiCity waze wacishe wazuma ngegoli unozinti waleli qembu lase-England u-Ederson ekude namapali.