UKAPUTENI weKaizer Chiefs kwiDDC, uNtandoyenkosi Nkosi noSiphesihle Tati, obe nesandla ekuwineni kwaleli qembu isicoco ngesizini edlule, babukeka bengeke balidlalele iqembu elikhulu laMakhosi
Image: Isithombe: BACKPAGEPIX
NAKUBA kungehli kahle kodwa kufanele kube yinto abasheshayo ukuyamukela abaxhumene neKaizer Chiefs ukuthi ukunotha ngabadlali kwezinkulisa zayo kugcina kuphoqa ukuthi leli qembu laseNaturena likhulisele izimbangi kwiPremier Soccer League (PSL).
Lena yimpendulo yomunye wabaqeqeshi bezinkulisa zeChiefs, uDillon Sheppard, ngesikhathi ebuzwa abezindaba ngomkhuba wakamuva waMakhosi wokudedela kalula kwamanye amaqembu abadlali abasuke sebevuthwe ngokwanele kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Kumasizini edlule, iChiefs ikhiqize inqwaba yabadlali ezinkulisa zayo kodwa abakaze bayidlalele eqenjini elikhulu.
Abanye balabo badlali sebekhule baze bafika kwiBafana Bafana kaHugo Broos, nakwekaVela Khumalo esanda kudlala iCosafa Cup.
Kumasizini edlule, iTS Galaxy ihlabane ngabadlali beqophelo eliphezulu abakhuliswe yiChiefs baze bagqama eqenjini layo leDDC okunguPuso Dithejane noKhulumani Ndamane obekwiBafana kaBroos ebizwana amandla neTanzania neMozambique esifinyelele kowamanqamu weCosafa Cup ebiseFree State. Abanye ngo-Omega Mdaka osekwiStellenbosch osanda kujoyinwa nguThato Khiba owashiya Amakhosi engakanyuselwa esikimini esiyibamba kwiBetway Premiership.
Emasontweni edlule, kusabalale ukuthi iGalaxy isithathe ukaputeni weChiefs kwiDiski, uNtandoyenkosi Nkosi, osize leli qembu lawina isicoco seDiski okokuqala emlandweni weligi.
Leli qembu likaTim Sukazi limataniswa noSiphesihle Tati naye obe nesandla ekusizeni iChiefs iqukule iDDC ngesizini edlule.
Muva nje, esithangamini nabezindaba ebesiseNaturena, uSheppard ubuziwe ngalo mkhuba wokubumbela izimbangi ekubeni iqembu elikhulu laMakhosi lingenzi kahle kwiBetway Premiership.
“Okufanele sigxile kukona njengeqembu ukuthi siyakhiqiza kodwa futhi kubalulekile nokwamukela ukuthi ngeke bakhushulelwe esikimini esikhulu bonke abadlali (abakhiqizwa) yizinkulisa zethu,” kusho uSheppard.
“Njengoba silokhu sikhula isibalo sabadlali abakhushulelwa esikwatini esikhulu njengoWandile (Duba), Mduduzi (Shabalala) noMfundo (Vilakazi), kufanele samukele ukuthi abanye kuzofanele babheke engxenye.
“Unobhutshuzwayo muhle ngokuthi uma kwakufanele udlalele iChiefs kuyokwenzeka njengoba kwenzeka nakwabanye, ngakho-ke okungabalungeli manje akufanele badikibale."
USheppard ukhuluma kanjena nje, akucaci ngabadlali abazonyuselwa esikimini esikhulu seChiefs kwazise sekuvele kaningi ukuthi umqeqeshi, uNasreddine Nabi, akayizwa kahle eyabafana abancane. Ngaphambi kokuphela kwesizini edlule, uphoqekile ukudlalisa u-Aiden McCarthy ngenxa yokulinyalelwa yizitobha.