UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs, uKearyn Baccus, uncamela ukuthi behlulwe behlasela kunokupaka ibhasi uma sebebhekene neHoroya AC koweCAF Champions League.
IChiefs izogijimisana neHoroya yaseGuinea emdlalweni wokugcina wesigaba samaqoqo kaGroup C eGeneral Lansana Conte Stadium, eConakry, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku. Kulo mdlalo kufanele kuphume iqembu elizolandela iWydad Casablanca yaseMorocco kuma-quarterfinal. IChiefs neHoroya bayalingana ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwi-log. Amakhosi adinga ukudlala ngokulingana okunamagoli noma awine ukuze ezodlulela kuma-quarterfinal.
"Ngincamela ukuhlasela ngihlulwe kunokuhlala emuva ngidlale ngokulingana. Ngakho, ngokwami uma sihlasela ngakho konke, sidlalela ukuwina, akukho okuzosilahlekela," kusho uBaccus.
"Umoya muhle eqenjini. Siwulungele umdlalo. Sifuna ukwenza kahle kwiChampions League njengoba singenzi kahle kwiligi okwamanje. Siwubheke ngabomvu umdlalo futhi sijabule. Sibheke uMgqibelo."
IChiefs ifulathele uMzansi izolo ekuseni nabadlali abangu-18. Ihambe ngaphandle kukanozinti uDaniel Akpeyi, nomgadli uSamir Nurkovic abathole amakhadi abomvu ngesikhathi leli qembu lihlula iWydad ngesonto eledlule. ULeonardo Castro, obekubhekwe ukuthi atakule Amakhosi, usale kuleli kulandela ukwephuka ikhala eshaya igoli emdlalweni weligi ophele ngo-2-2 neStellenbosch ngoLwesibili.
Uma iChiefs iphumelela ukwehlula iHoroya ekuhambeni, izoba yiqembu lokuqala laseMzansi elenze lokho. IHoroya isibhekene namaqembu ahlukene akuleli emiqhudelwaneni yeCAF kodwa alikho eselike layishayela ekhaya. Ngo-2018, idlale ngokulingana ngo-2-2 neMamelodi Sundowns esigabeni samaqoqo, kwathi ngo-2019, yathela isibhaxu sika-2-1 kwi-Orlando Pirates. Nyakenye iHoroya ivulele isibhaxu sika-2-1 kwiBidvest Wits esigabeni samaqoqo kwiCAF Confederation Cup.
Emdlalweni wokuqala wesigaba samaqoqo, iChiefs neHoroya badlale ngokulingana ngo-0-0.
Isitobha seChiefs, uReeve Frosler, sithe umphumela wakamuva weChampions League behlula iWydad ubafaka umfutho nokuzethemba.
"Kubalulekile ukuhlala sigcwele ukuzethemba futhi sikholelwe kwesikwazi ukukwenza. Sidlala ekuhambeni, kuzoba wumdlalo ohluke kakhulu. Kufanele sibekezele, sikholelwe kithina ukuthi sizodlulela phambili," kusho uFrosler.