UNOZINTI weRichards Bay FC, uMalcolm Jacobs, uzofongqa isigqoko kubaphathi beqembu lakhe ancenge ukuthi bangangeni ogibeni osekungene kulona amaqembu amaningi asuke ekhushulelwe kwiDStv Premiership ngokudla isicoco seGladAfrica Championship.
UJacobs, ovimbe ibhola elinzima ebelizoletha isililo eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto, utshele Isolezwe ukuthi uzoncenga ezikhulwini ukuthi zingaweli esikhisini osekuwele kusona amaqembu amaningi uma esekhushulelwe esigabeni esikhulu.
Isikwati sabo usibona siqine ngokwanele futhi sihlangene ngendlela edingekayo esigabeni esikhulu, iRichards Bay edle ngaso isicoco yize ekwamukela nokuthi kungaqiniswa lapha nalaphaya.
“Ngenhlanhla enkulu sengike ngaba sesimweni lapho iqembu engidlala kulona likhushulelwe esigabeni esikhulu ngokunqoba iGladAfrica Championship ngakho-ke ngiyazi ukuthi kwenzekani,” kusho uJacobs.
“Amaqembu amaningi akholelwa ekutheni isigaba esikhulu sinohlobo oluthile lwabadlali bakhona kanti cha, abadlali bayafana. Ukhiye wokwenza kahle esigabeni esikhulu wukuhlangana.
“Amaqembu amaningi ayabakhohlwa abadlali akhuphuke ngabo uma esefike ebukhazikhazini besigaba esikhulu, okuyinto evamise ukulandelwa wukubheda kohlelo,” kulandisa uJacobs, oseke wadlala kwiHighlands Park nakwiMbombela United.
Lo nozinti ufisa bagcinwe bonke abadlali abebekhona kukhushulwa iqembu.
“Leli qoqo labadlali linokuhlangana engingeke ngikwazi ukukuchaza, yingakho ngizozama ukuncenga abaphathi ukuthi bangayihlakazi le mbumba njengoba kuke kwenze amanye amaqembu uma esekhushulelwe lapho kunoju khona.
“Ngaleli qoqo labadlali angingabazi ukuthi singafika esigabeni esikhulu, kubonakale ukuthi sesifikile ngempela.
“Ngiyavuma ukuthi kufanele siqinise lapho kufanele khona kodwa umgogodla wesikwati kufanele siwugcine noma kanjani. Lokhu kubumbana okukhona nentshisekelo yokufuna ukufela enkundleni egameni leRichards Bay, akukho lapho ungakuthenga khona,” kusho unozinti.
Mayelana nodaba lwabadlali, usihlalo, uSifiso “Jomo” Biyela uthe: “Kusekusha kakhulu ukuthi sesingakhuluma ngezinhlelo futhi kusobala ukuthi kuzofika isikhathi lapho kufanele sihlangane nabaqeqeshi nabo bonke abathintekayo sizidwebe (izinhlelo).”