STHEMBISO NGOBESE
UGCWELE ukuzethemba umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ngokuthi iqembu lakhe lizobe selihlangene kahle uma selibhekene neBotswana emdlalweni wesihle onamuhla ngo-3 ntambama eBidvest Wits Stadium, eMilpark.
Ngempelasonto, iBanyana ikwazile ukuguqisa iZambia ngo-3-1 emdlalweni obukuyona le nkundla.
Amagoli eqembu lasekhaya ebelilandela emuva abekwe enethini nguNoko Matlou noThembi Kgatlana bobabili abagijima kwiSD Eibar yaseSpain.
Igoli leZambia okumanje ilungiselela imidlalo yama-Olympic azokuba seJapan phakathi kukaJulayi no-Agasti nonyaka, lona lize nokaputeni wayo uBabra Banda ovule inkundla.
Le midlalo yesihle yeBanyana ingeyokulungiselela imidlalo yokuhlungela umqhudelwano weCaf Africa Women Cup of Nations (AWCON) ozokuba seMorocco ngonyaka ozayo.
Ngemuva komdlalo neZambia, u-Ellis uthe nakuba benqobile lapha kodwa kukhona lapho engagculisekanga khona.
“Sijabule ngokuthi umdlalo sikwazile ukuwunqoba phezu kokuba bese silandela ngemuva ngegoli elihle abalishayile. Kodwa-ke, angigculisekanga ngendlela esidlale ngayo esiwombeni sokuqala ikakhulukazi abadlali bethu abahlaselayo okuyibona okufanele baqale iminyakazo,” usho kanje u-Ellis.
Lo mqeqeshi uqhube wathi kodwa esiwombeni sesibili bakwazile ukuziqoqa baqala badlala ibhola ngokukhulu ukukhululeka njengoba bese bekwazi ukugcina ibhola futhi babopha namabhawodi emuva.
“Esiwombeni sesibili, sikwazile ukuwulawula umdlalo njengoba bese sikwazi ukudlala ngendlela esiyijwayele kodwa ebesikubhekile kubona wukuthi bangasizumi ngezikhawu ngoba bayingozi kakhulu ngalapho.
“Ngicabanga ukuthi emdlalweni wethu olandelayo neBotswana sizokube sesehluke kakhulu kunalokhu ebesiyikho ngesikhathi sibhekene neZambia,” kusho u-Ellis. Umdlalo weBanyana neBotswana uzofana nowamagqubu kwazise iyona eyakhipha elakuleli emidlalweni yokuhlungela ama-Olympic ngo-2019.