OYISIQONGQWANE sasemuva nokaputeni weBanyana Banyana, uLebogang Ramalepe, ukholwa wukuthi ukudlala kwabo neJamaica kuzobanika isivivinyo abasidingayo.
IBanyana izotholana phezulu neReggae Girls of Jamaica emdlalweni wobungani namuhla ngo-3 ezintatha, eCatherine Hall Sports Complex, eMontego Bay, eJamaica, iphinde idlale nayo ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku enkundleni efanayo.
IBanyana ilungiselela ukuvikela isicoco seWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) e-Morocco ngoJulayi wonyaka ozayo. Ikleliswe kuGroup C neGhana, Mali, neTanzania.
Lo mdlalo wayo neReggae Girls ngowesithathu wobungani namaqembu angaphandle kwe-Afrika njengoba ngenyanga edlule ka-Okthoba idlale neDenmark yabhaxabulwa ngo 5-0, yadlala ne-England yahlulwa ngo 2-1.
“Ukudlala kwethu neJamaica kuzosinika isivivinyo esibalulekile nesisidingayo. Emidlalweni emibili yakamuva esiyidlalile yobungani (neDemark ne-England) kukhona esikufundile, sakwazi nokubona abanye abadlali bethu abasha.
“Indlela umqeqeshi ayihlele ngayo le midlalo esisayidlalile yehlukile. Ngikholwa wukuthi nakulo esiyowudlala neJamaica uzohlela isikimu ngendlela ehlukile ukuze abone ukuthi sesithuthuke kangakanani njengeqembu nokuthi abadlali bethu abasha sebekwazi kangakanani ukujwayela indlela yethu yokudlala,” kusho uRamalepe, ogijima kwiMamelodi Sundowns Ladies engompetha beHollywoodbets Super League.
“Khona ngeke kube lula ukubhekana neJamaica. Bayiqembu eselingcono kunalelo esadlala nalo ngo-2019. Ngakho sidinga ukwenza kangcono kakhulu kulo mdlalo esiyowudlala nabo.”
IBanyana engelinye lamaqembu esizwe abemele i-Afrika kwiFifa Women’s World Cup eNew Zealand nase-Australia nyakenye, ibhekene nenselelo yokuvikela isicoco seWafcon eyasinqoba okokuqala ngo-2022 eMorocco.