UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uthi kuzoba wumsebenzi onzima ukukhetha isikwati sokugcina esizomela izwe kwi-Africa Women Cup of Nations (Awcon).
Bangu-33 abadlali abasekhempini eqale ngoLwesihlanu olwedlule eGoli. U-Ellis nethimba lakhe labaqeqeshi kufanele baqoke abangu-21 abazolubangisa eMorocco.
Umqhudelwano ungenelwe ngamaqembu angu-12. Uzoqala ngoJulayi 2 kuya kuJulayi 22. Uzobe usetshenziselwa ukuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2023.
"Konke kusahamba kahle njengoba sizilolonga. Ngenelisekile ngendlela abadlali abashesha ngayo enkundleni futhi namaphasi ethu amafishane mahle kakhulu," kusho u-Ellis.
"Bonke abadlali balikhuphulile igiya ngoba ekugcineni kufanele sikhethe abangu-21 eqenjini labangu-33. Bayakhombisa ukuthi yini abangayenza futhi kuzoba nzima ukukhetha iqembu.
"Yilokho esikufunayo uma sikhetha isikwati sokugcina. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sithola abadlali abangcono kakhulu okuyibona abazosenzela umsebenzi.”
IBanyana izoqala i-Awcon kwiGroup B lapho izodudulana neNigeria, Botswana neBurundi.
ISuper Falcons yiyona engompetha futhi ikleliswe phezulu e-Afrika, iBanyana isendaweni yesine, iBotswana ilele endaweni ka-29 kanti iBurundi, ezobe iqala ukudlala emqhudelwaneni, ayikakleliswa.
KwiGroup A kuqhathwe osokhaya iMorocco, Burkina Faso, Senegal ne-Uganda. KwiGroup C kube yiCameroon, Zambia, Tunisia neTogo.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye, azodlulela kuma-quarterfinal lapho ezophinde ahlanganiswe namaqembu amabili azoqeda endaweni yesithathu ngamaphuzu aphezulu.
U-Ellis uthe ikhempu akuyona eyokukhetha iqembu kuphela futhi ngeyokucija abadlali ukuze bawulungele umqhudelwano.
“Yize sizokhetha iqembu futhi simatasatasa namalungiselelo emidlalo. Sibheka izimo ezahlukene, njengokudlalisa abadlali abehlukene ukuze sibone ukuthi yikuphi okusebenza kangcono,” kusho yena.
“Sifuna futhi ukubona ukuthi bakuliphi izinga. Sebedlale imidlalo eminingi impela futhi basesimeni esihle. Sizama ukubakhuphulela ezingeni elilandelayo ukuze siqinisekise ukuthi ngeke bakhathale emidlalweni."
UGabriela Salgado, ogijima kwiJVW FC wubekhona eqenjini labadlali abangu-33 elikhishwe kuqala kodwa kwaphoqeleka ukuthi ahoxe ngenxa yokulimala. Indawo yakhe ithathwe nguRhoda Mulaudzi weMamelodi Sundowns.