ISITOBHA seBafana, uSiyanda Xulu, asifuni ukwehlula iGhana kubangene emakhanda njengoba bezicijela ukugadulisana ne-Ethiopia emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba.
IBafana izogadulisana ne-Ethiopia eBahir Dar Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Umdlalo wesibili uzoba ngo-Okthoba 12 eFNB Stadium, lapho kuzovunyelwa kuwona abalandeli abagomele iCovid-19.
IBafana iseqhulwini kuGroup G ngamaphuzu amane ewathole idlala ngokulingana neZimbabwe nangesikhathi yehlula iGhana, ngenyanga eyedlule.
"Asifuni ukuzikhukhumeza ngenxa yokwenzeke sibhekene neGhana. Sazi kahle ukuthi lokhu kwenzeke ngenxa yamalungiselelo nenhlonipho esiyinike iGhana. Sizokwenza lokho futhi uma sesibhekene ne-Ethiopia. Sizozilungiselela ngendlela esiyijwayele ukwenza ngayo uma sizodlala imidlalo enzima," kusho uXulu waKwaMashu.
IBafana ingazibeka ethubeni lokungena emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga uma ingehlula i-Ethiopia ekuhambeni nasekhaya.
Izinto zingayivuna kakhulu uma iGhana ingadlala ngokulingana neZimbabwe emidlalweni emibili abazobhekana kuyona.
Nokho iBafana iphikwa wumlamdo uma ibhekene ne-Ethiopia. Ayikaze ilishaye leli zwe. Ngesikhathi ebhekene kowokuhlungela oweNdebe yoMhlaba eMzansi ngo-2012, adlala ngokulingana ngo-1-1. Ngo-2013 e-Ethiopia, iBafana yakhala ngaphansi ngo-2-1.
"Ukuya e-Ethiopia ngeke kube lula. Bakhona abadlali abambalwa base-Ethiopia engidlala nabo kwiligi yakwa-Israel. Ngakho ngiyazi ukuthi banzima kangakanani. Siyabazi ubunzima esizobhekana nabo ngoba sidlala nabo ezweni labo. Emdlalweni wesibili, sikubheke ngabomvu ukudlala nabo phambi kwabalandeli ukwenza isiqiniseko sokuthi siyawina. Ekhempini konke kubukeka kuhamba kahle kulezi zinsuku ezimbili ezedlule. Sinabadlali abasha nomqeqeshi omusha. Kuyajabulisa," kusho uXulu odlala kwiHapoel Tel Aviv yakwa-Israel.
I-Ethiopia isanephuzu kule midlalo kulandela ukubambana ngo-2-2 neZimbabwe yase ishaywa yiGhana.
Amazwe angu-10 azoqeda ehlezi phezulu eqoqweni ngalinye, azodlala eyokuhlunga. Ayisihlanu azowina azomela i-Afrika koweNdebe yoMhlaba eQatar, ngonyaka ozayo.