XOLILE MPISANE
UZOHLOLWA yiqembu ayegijima kulona kudala umdlali wakuleli wasesiswini, uKamohelo Mokotjo, kulandela ukugqabuka kwefindo phakathi kwakhe neqembu laseMelika, iFC Cincinnati.
UJan Streuer, oyisikhulu seqembu laseNetherlands, iFC Twente, ukuqinisekisile ukuthi bazomnika ithuba lokuziphendlela indawo eqenjini uMokotjo.
Lo mdlali, oseneminyaka engu-30, wafika kwiTwente okokuqala ngo-2014 esuka kwelinye iqembu lakhona eNetherlands, iPEC Zwolle, wahlala iminyaka emithathu ngaphambi kokuthathwa yiBrentford yase-England ngo-2017.
Udlale imidlalo engu-95 esigabeni sesibili e-England wabe esethathwa yi-Cincinnati ngo-2020, eyayiphethwe abaqeqeshi baseNetherlands, uGerard Nijkamp noJaap Stam, ngaleso sikhathi.
Inkontileka yakhe naleli qembu elidlala kwiMajor League Soccer (MLS) yaphela ngoNovemba nyakenye kanti bekubonakala sengathi izokwelulwa ngaphambi kokuthi linqume ukumdedela.
"Akukho okuqinisekisiwe okwamanje kodwa asijahile ngoba yena (uMokotjo) akanayo inkontileka okwamanje. Sizokwenza konke ngokucophelela," kusho uStreuer ephephandabeni laseNetherlands, iTubantia.
UMokotjo uzohlolwa ngodokotela beTwente ngoLwesine ngaphambi kokuthi aqale ukuziqeqesha neqembu ngesonto elizayo.
I-FC Twente isivele inabadlali abathathu abayizinjini esiswini, uRamiz Zerrouki, uMichal Sadilek noWout Brama, kodwa uStreuer ukholelwa ekutheni uMokotjo angawuletha umehluko eqenjini.
“Kusazobonakala ukuthi uzogcina esayinile yini kodwa siyazi ukuthi uMokotjo ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi sesizobona ukuthi usesimeni esinjani,” kwengeza uStreuer.
UMokotjo wadlalela amaqembu esizwe akuleli amancane ngaphambi kokuthi agijime okokuqala kwiBafana Bafana ngoSepthemba ka-2012.
Usedlale imidlalo engu-23 eqenjini lesizwe kanti wagcina ukubonakala kulo libhekene neMali kowobungani ngo-Okthoba ka-2019. Kuze kube manje akakabibikho ezinhlelweni zomqeqeshi weBafana, uHugo Broos.