Ezemidlalo Ibhola

OweBafana akaziboni edlalela iqembu lePSL okwamanje

Mthokozisi Mncuseni|Published

USIPHEPHELO “Yaya” Sithole oyibamba kwiBelenenses SAD ePortugal akakazimiseli ngokuzodlala kwiPremier Soccer League Isithombe: FACEBOOK

AKAPHUPHI ngisho elele okwamanje ngokudlala eqenjini lePremier Soccer League (PSL), uSiphephelo “Yaya” Sithole, weBelenenses SAD yasePortugal, osekhempini yeBafana Bafana edlale neZimbabwe neGhana kweykuhlungela iNdebe yoMhlaba yaseQatar ngonyaka ozayo.

USithole (22) oyibamba esiswini ufikele kwiSporting Lisbon ePortugal ngo-2017 esuka kwiKwaZulu Natal Football Academy yodumo lokukhiqiza abadlali ibatholele amaqembu ePortugal.

Nakuba uSithole ebedlala enkulisa yaleli qembu lodumo, limdlulisele kwiVitoria Sertubal nayo ebimsebenzisa kakhulu ezikwatini zayo ezincane.

Ngemuva kweminyaka emibili esePortugal, uthathwe yiBelenenses adlale kuyona isizini yokuqala ezikwatini ezincane, kwase kuthi ngo-2020, yamkhuphulela kwesikhulu.

USithole ongakaze alidlale ibhola elikhokhelayo eNingizimu Afrika usazimisele ngokuzinza e-Europe kwazise lapho edlala khona manje, ukusebenzisa njengesitebhisi sokunombela kumaligi angcono akuleliya lizwekazi.

“Iphupho lami elikhulu wukudlala kumaligi afana ne-English Premiership, France noma e-Italy.

“Ngineme ngendlela engijwayela ngayo e-Europe futhi ngendlela izinto ezenzeka ngayo ngizibona ngisemgqeni wokulifeza leli phupho.

“Ngisondele ephusheni lami ngakho-ke kuyakhuthaza ukubizelwa eqenjini lesizwe,” usho kanje ethimbeni labezindaba leSouth African Football Association (Safa).

Lo mdlali uyaqonda ukuthi ebholeni ngeke ufungele lutho kodwa indaba yokudlala kwiPSL, okwamanje kuseyinto ekude nomqondo wakhe.

“Okwamanje eyokubuya ekhaya ayikho etafuleni ngoba ngisadinga eminye iminyaka eyishumi engizoyidlala e-Europe. Kusenamaligi engisaphupha ngokudlala kuwona, ngakho-ke angikayicabangi eyokubuyela ekhaya.

“Kusukela ngimncane bengiphupha ngokudlala e-Europe kodwa njengoba sengidlala khona sekunokunye okusha esengizibekele khona. Ngisaphupha ngokudlala kwi-English Premiership namanye amaligi athathwa njengamakhulu e-Europe,” kusho uSithole.

Uthe ukubizwa kwakhe kwiBafana kungenxa yokudlala cishe isizini yonke edlule eqenjini lakhe.

“Ngisazoqhubeka nokusebenza ukuze nomqeqeshi weBafana aqhubeke nokungiqaphela. Ngicabanga ukuthi umqeqeshi (uHugo Broos) unginakiswe wukuthi ngiyidlale cishe yonke imidlalo yesizini edlule.

“Ukubizelwa kwiBafana kuyisibusiso kimina ngoba kungisondeza ephusheni lami lokudlala emaligini angcono kunale engidlala kuyona manje,” kusho .

Lo mdlali odabuka oLundi uke waveza kweminye imithombo yabezindaba ukuthi ngemuva kokwenza kahle kwisizini yakhe yokuqala kwiBelenenses, uke wathintwa ngamaqembu ase-Italy naseFrance.