IMAMELODI Sundowns iphazamise amathuba eChippa United ikhishwa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) kowandulela owamanqamu weNedbank Cup eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, izolo ntambama.
AmaBrazilians abuyiselwe kwamhlaba, nje bekulindeleke ukuthi azidlele amahlanga kwiTTM kulandela ukuziphuzela kwi-Orlando Pirates kuma-quarterfinal ngesonto eledlule.
Ukunqoba kwawo bekuzosho ukuqhubeka nethuba lezindondo ezintathu kule sizini. Manje asesele nokulwela ukuvikela isicoco seDStv Premiership nokunqoba iCaf Champions League asengene kuyo kuma-quarterfinal.
Ukuphumelela kweTTM kusho nokuphela kwethemba leChippa ebikade ibona ithuba lokungena ingasebenzanga kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo uma iNedbank Cup igcina inqotshwe iSundowns ebukeka izovikela iligi ibuyele kwiCaf Champions League.
Ngokujwayelekile iqembu elinqoba iNedbank Cup lingena kwiConfederation Cup kodwa iChippa ibingangena noma ingawunqobanga lo mqhudelwano ukube ibizodlala neSundowns.
IChippa sekufanele izilwele yona uma isibhekene neTTM kowamanqamu ngoMeyi 8 enkundleni ezomenyezelwa namuhla. Iqembu elizowina lizojoyina elizoqeda endaweni yesithathu kwiDStv Premiership kwiConfederation Cup.
Emdlalweni wayizolo iSundowns iqale umdlalo idlala ngokukhululeka, iphatha ibhola ngendlela eyithandayo. Nokho abadlali beTshakhuma bebezama ngayo yonke indlela ukuyincisha amathuba okungena ebhokisini. Ngokuhamba kwesikhathi iTTM ivulele injeje, eholele ekutheni kuphakame imimoya ebhentshini leSundowns. Emuva kwalokho iTTM iqalile ukudlala, yaphatha ibhola. Nokho ibihluleka ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli, ngaphandle kwamafree-kick abengaphandle kwebhokisi.
Esiwombeni sesibili, iSundowns ibuye ngomfutho. USiphelele Mkhulise ucishe wayibeka phambili edlulisa ibhola kunozinti weTTM, uWashington Arubi, kodwa walikhipha seliyongena u-Alfred Ndengane. ISundowns iqhubekile nokungqongqoza kodwa ibingafuni lutho iTshakhuma. Kwale noma sekuyiwa esikhathini esengeziwe, alikho iqembu elivume ukugoba uphondo, zagcina zihlukaniswe amaphenathi. U-Arubi ubala ukhasha emapalini njengoba egeze namagoli abesefane nabaliwe, okukhona nelikaSibusiso Vilakazi.
Noma sekukhahlelwa amaphenathi la maqembu abengafuni ukwenza izinto zibe lula njengoba bonke abadlali abayisihlanu iqembu ngalinye bewavalele phakathi.
Ibhimbi kube ngukaputeni weSundowns, uHlompho Kekana iphenathi yakhe evinjwe ngu-Arubi. Bese kusemahlombe kaThembisani Nevhulamba ukufaka iTTM kowamanqamu, nembala wangaphoxa wayivalela phakathi.