UBHEKE ukuthi iqembu lakhe liqhubeke nokuqoqa amaphuzu uma selidudulana ne-University of Western Cape koweHollywoodbets Super League ngeSonto ntambama umqeqeshi we-JVW FC, uMahama Musah Arthur.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoqala ngo-3 ntambama eWits Stadium, eGoli.
IBlue Diamonds iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-15 emidlalweni emihlanu kanti yilona kuphela iqembu elingakawadedeli amaphuzu kule sizini.
NgeSonto izobhekana neqembu le-UWC elisanda kunqamula irekhodi lompetha iMamelodi Sundowns lokudlala amasizini amabili lingahlulwa kule ligi.
U-Arthur, othathe izintambo kuCiara Picco ngaphambi kokuqala kwesizini, uthe bazoqhubeka nokusebenzisa amaqhinga asabasebenzele emidlalweni abayidlalile.
“Engikuqaphelile ngesikhathi ngifika eqenjini nangesikhathi ngihlaziya imidlalo yalo yangesizini edlule wukuthi kumele sithuthukise indlela esizihlela ngayo emuva,” usho kanje.
“Iqembu belingenayo inkinga yokuhlasela nokushaya amagoli kodwa bekuvuza emuva nobekwenza ligcine lidlala ngokulingana noma lihlulwe emidlalweni obekufanele liyinqobe.
“Ngiyaziqhenya ngokuthi kuze kube manje sisangenelwe amagoli amabili kuphela emidlalweni emihlanu, futhi womabili angene emdlalweni owodwa. Ngifuna sibe yiqembu okunzima ukulibhodloza emuva.”
Mayelana nomdlalo wangeSonto ne-UWC, lo mqeqeshi odabuka eGhana uthe: “I-UWC ingelinye lamaqembu aqinile kwiligi futhi siyakwazi okumele sikulindele. Ngiwubonile umdlalo wabo neTUT nendlela abadle ngayo iSundowns.
“Siyabazi ubungozi babo nalapho bebuthakathaka khona. Njengoba beshaye ompetha futhi bangangenelwa igoli kusho ukuthi bahlelekile futhi siyabazi banadlali babo abayingozi okumele sibaqaphe kakhulu.
“Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu kodwa ngigculisekile ngendlela abadlali bami abazinikela ngayo . Uma siqhubeka nokuzimisela sizozibeka ethubeni elihle lokuthatha amanye amaphuzu amathathu.”
ISundowns izobhekana neTUT lapho izobe ibheke ukubuyela emgqeni ngemuva kokuphoxeka eKapa. Lo mdlalo nawo uzobanjelwa eWits Stadium ngaphambi kokuthi kududulane i-JVW ne-UWC.
NgoMgqibelo iDurban Ladies izobe ibheke ukuthola iwini yesibili uma seyamukela iCoal City Wizards eKing Zwelithini Stadium eMlaza. Ifomu yeWizards iwugingqigongqo njengoba leli qembu selinqobe imidlalo emithathu lahlulwa kwemibili.
Iqembu elingomakoti iCity Lads, okuyilona lodwa elisagingqa iqanda, lizozama ukuthola amaphuzu okuqala uma selibhekene neBloemfontein Celtic Ladies eSisa Dukashe Stadium.
Imidlalo yeHollywoodbets Super League kule mpelasonto
NgoMgqibelo: Ngo-1pm- Golden Ladies vs Vasco da Gama (NWU Stadium), Durban Ladies vs Coal City Wizards (King Zwelithini Stadium).
Ngo-3pm- Thunderbirds Ladies vs Bloemfontein Celtic Ladies (Sisa Dukashe Stadium), Richmond United v Tsunami Queens (Marino Park Stadium), Ma-Indies Ladies vs University of Johannesburg (Giyani Stadium), First Touch Ladies vs City Lads (Old Peter Mokaba).
NgeSonto: Ngo-11.30am - Mamelodi Sundowns Ladies vs Tshwane University of Technology (Wits Stadium).
Ngo-3pm- JVW FC vs University of Western Cape (Wits Stadium).