UMQEQESHI weSuperSport United, uKaitano Tembo, uzisole yena ngokuphonsa uSipho Mbule emphandwini wamabhubesi bebhekene neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership ekubeni le nsephe yomdlali ilimele.
Lo mdlalo obuseLoftus Versfeld ngoLwesithathu, uphele zibambene ngo-2-2.
UTembo uphoqeleke ukuthi angambuyisi esiwombeni sesibili uMbule obedlala ngendlela okungeyona le eyenze ukuthi amataniswe cishe nawo wonke amaqembu athathwa njengamakhulu ekuqaleni kwesizini.
Ngaphambi kwalo mdlalo, ikhempu yeSundowns ibingafihli ukuthi uMbule ngomunye wabadlali okufanele ibabheke ngenxa yethalente lakhe.
Kusheshe kwaqapheleka nokho ukuthi uMbule akayena lo ojwayelekile njengoba ubenza amaphutha ezindaweni ebezifaka iSuperSport kwenkulu ingozi.
Isikhathi esiningi uma iSundowns ikhombisa ubungozi kulo mdlalo, bekusuka ephutheni likaMbule ngoba no-Andile Jali weSundowns, ubesemtholile ukuthi uqale azame izitayela njalo ngaphambi kokuthi adedele ibhola.
UTembo ubuziwe esithangamini nabezindaba ukuthi iziphi izinyathelo azozithathela uMbule ngoba indlela adlale ngayo iphoxe yena kanjalo neqembu lonke.
Kulapho uTembo eveze khona ukuthi uMbule uqale lo mdlalo evele elimele yingakho kungekho zinyathelo ezitheni azothathelwa zona.
“Umunwe ngiwukhomba ngakimina ngodaba lukaMbule ngoba simqalise umdlalo onzima ekubeni sisazi sonke isimo akusona ukuthi besingavumi,” usho kanje uTembo.
“Maningi amaphutha esiwenzile kulo mdlalo okuhlanganisa nelami lokudlalisa uMbule ekubeni engekho qatha ngokugcwele. Ngimqhathile uMbule kodwa sesikhulumile ngakho-ke, akukho zinyathelo azothathelwa zona.
“Lokhu ngiyakuvuma ngoba isimo besingavumi ukuthi adlale, ngingasakubali-ke ukuqala umdlalo,” kuqhuba uTembo.
Ngaphandle kwamaphutha, uTembo uhlabeke umxhwele ngendlela abadlali bakhe abadlale ngayo esiwombeni sesibili eselungise nasendaweni obekuqale kuyona uMbule.
“Ngikholwa ukuthi amaphuzu agcwele abesifanele uma uzokhumbula ithuba likaThamsanqa (Gabuza) umdlalo unomzuzu owodwa uqalile.
“Ngisho iSundowns isihamba phambili ngo-2-0 akukho la bengibona khona sengathi sithwele kanzima kodwa engikukhumbulayo ukufika kwethu kuDenis (Onyango) amahlandla elandelana.
“Ngiyaziqhenya ngabadlali bami ikakhulukazi esiwombeni sesibili ngoba siqhubekile nokwakha amathuba kwaze kwaba umdlalo uyaphela,” kusho yena..
I-United esendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-19, isiyoze idlale neSekhukhune United ngoDisemba 5.