ZAKHELE XABA
AKUCACI ngomgadli wase-Argentina ofunwa ngaMaZulu, uFacudo Juarez, okuvela ukuthi uselimele.
USuthu sekunesikhathi lulandela uJuarez ogijima kwi-Atletico Mitre yangakubo. Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2021/2022, umqeqeshi uBenni McCarthy, udalule ukuthi basezithendeni zikaJuarez futhi uyamdinga ngokushesha.
Nokho emuva kwesikhashana AmaZulu athole ukuthi ngeke amthole ngokushesha lo mgadli ngoba unenkontileka neMitre obekubhekwe ukuthi iphele ngoDisemba nyakenye.
"Ungumdlali ebengimfuna futhi ngicabanga ukuthi ubezokwenza omkhulu umehluko eqenjini, ngamagoli nangakho konke. Uyasebenza. Ngisenalo ithemba lokuthi iqembu lizongeseka kulesi sinqumo. Uma singamtholi umgadli ngaphambi kokuvalwa kwewindi, noma yikanjani sizolinda kushaye uDisemba ukuze simlethe lapha. Ungumdlali engimthanda kakhulu," kusho uMcCarthy ngo-Agasti nyakenye.
Nokho leli phephandaba lihoshe ukuthi konke lokhu kungenzeka kugcine kuyiphupho. Ngokusho komthombo olwaziyo lolu daba, sekunzima ukuthi AmaZulu amsayinise uJuarez.
"Lowo muntu ulimele kumanje. Angiboni iqembu lisazoyilandela futhi indaba yakhe. Alikwazi ukusayinisa umuntu olimele osazothatha esinye isikhathi ukululama," kusho umthombo.
Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, uthe akukho asakutshelwe yiqembu ngodaba lukaJuarez.
Ngaphambi kwekhefu lokuphela konyaka u-2021, uMcCarthy ukhale ngokuhlulwa ngamagoli kwabagadli bakhe okunguLehlohonolo Majoro, Siphelele Mthembu noBongi Ntuli. Kwavela ukuthi ufuna umgadli weSupersport United, uThamsanqa Gabuza.
AmaZulu avale unyaka esendaweni yesihlanu kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-20. Azobuyela enkundleni ngoFebhuwari 11 eseyovakashela iRaja Casablanca emdlalweni wokuqala wamaqoqo weCaf Champions League. NgoFebhuwari 16 azogadulisana neTS Galaxy koweligi eThekwini.