UCLAYTON Daniels weSuperSport United uthi kulesi sikhathi kwi-Absa Premiership okumqoka wukuthola amaphuzu kunokudlala ibhola elihle Isithomb. Isithombe: Ryan Wilkisky/BackpagePix
Ngokusho kwakhe into ebalulekile manje ukuqoqa amaphuzu hhayi ibhola lezihlwele ngoba azikho ezinkundleni.
Ukhuluma kanjena nje uDaniels, ezakhe zizobhekana neBlack Leopards ezalwe kabusha kubaqeqeshi abasebancane uMorgan Shivhambu noMongezi Bobe.
Amatsantsantsa neLidodha Duvha bazodlala namuhla ngo-6 ntambama eFNB Stadium.
Ungasho ukuthi omabili amaqembu azohlangana ngesikhathi esihle kwazise asefomini selokhu kubuye imidlalo yePSL.
ISuperSport ephekwa uKaitano Tembo isanqobe umdlalo owodwa (ishaye iPolokwane City enukelwa yizembe), yadlala ngokulingana neBloemfontein Celtic.
Ngakolunye uhlangothi ivutha ingabaselwe iLeopards njengoba isayinqobe yomibili imidlalo esayidlalile. Ithole amaphuzu aphelele emaqenjini aKwaZulu-Natal ishaya iMaritzburg United ngo 3-2, neLamontville Golden Arrows ngo 2-1.
“Sizodlala neLeopards esazi kahle ukuthi idlalela ukufa nokuphila ngenxa yokuthi ayikho endaweni enhle kwi-log. Nathi siza kulo mdlalo sifuna amaphuzu aphelele ngoba sifuna ukuqeda endaweni enhle kwi-log. Akulula ukudlala esibayeni esisodwa kodwa izinsizwa ziyayibamba. Engikufundile ukuthi asikho nakancane isidingo sokudlala ibhola elihle lapha. Kumele ulwele iphuzu nephuzu kanzima. Noma ngabe udlala luphi uhlobo lwebhola, inqobo nje uma uthole amaphuzu,” kusho uDaniels.
Yize uDaniels ekugcizelela ukuthi inzima impilo eGoli kule midlalo, uthe iyamjabulisa indlela ezakhe ezizinikela ngayo.
“Sibambisene kakhulu njengeqembu. Lokho kucaca ngisho siziqeqesha, akekho umdlali ozihudulayo sonke sifuna ukwenza kahle, ” kuqhuba uDaniels.
ISuperSport isethubeni elihle lokuthola indawo emiqhudelwaneni emikhulu yasezwenikazi i-Afrika. EzikaTembo zisengangena kwiCAF Champions League kanjalo nakwiCAF Confederations Cup.
UBobe ongomunye wabaqeqeshi kwiLeopards uthe ujabule ngendlela ezakhe ezizinikela ngayo kwazise zithole amaphuzu ayisithupha emidlalweni yakamuva kodwa wathi luselude ukhalo njengoba befuna ukudlalela kude nezembe. ILeopards bekubuye imidlalo ivale emsileni kodwa ngokuwina isasukile kule ndawo embi.