GIFTS LINKS
UMDLALI waseNingizimu Afrika osanda kuthola ingqayizivele yethuba lokuyodlala phesheya uGift Links uthi kumethusile ukuzwa ukuthi kuneqembu langaphandle elizimisele ngokumsayinisa.

Izindaba zokuya phesheya kukaLinks zivezwe iCape Town City abeyidlalela kwi-Absa Premiership sekusele usuku ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngesonto eledlule.

Uthengwe yi-AGF Aarhus edlala kwiDanish SuperLiga ngemali engazange idalulwe.

“Bengingazi lutho ngokuya phesheya kwaze kwaba ngithola ucingo kwimenenja yami ingazisa ukuthi kuneqembu laseDenmark elingifunayo.

“Ngiyitshelile ukuthi uma kunjalo ngeke ngiliyeke lelo thuba uma livela. Ngaleso sikhathi bese beziqalile izingxoxo neqembu lami. Ngosuku olulandelayo ngithintwe umphathi (usihlalo weCity) engitshela ngokwenzakalayo.

“ Ngimtshelile naye ukuthi uma engangikhulula ngingajabula kakhulu, wathi mfana wami ngeke ngikuvimbe ngoba ngiyazi ukuthi iphupho lawo wonke umdlali ukuya phesheya,” kuchaza uLinks.

Lo mdlali ubengakalitholi ithuba lokuhlangana nozakwabo njengoba leli thuba liqondane nezinsuku zeFifa.

Ubesekhempini yeqembu lesizwe lika-Under 23 elidlale eyokuhlungela i-Under 23 Africa Cup of Nations ese-Egypt ngoNovemba.

Lo mqhudelwano uzobe ungowokuhlungela ama-Olympic. Elakuleli liye emdlalweni womlenze wesibili izolo neZimbabwe lihamba phambili ngo 5-0 womlenze wokuqala.

ULinks uthe uzoncela lonke ulwazi angaluthola kuLiam Jordan odlala kwiHB Koge khona eDenmark.

“Sengike ngakhuluma noLiam Jordan wangitshela ukuthi isimo sinjani laphaya. Kodwa sizasithola isikhathi sokukhuluma ngoba idolobha engizobe ngikuluna sihlukaniswe amahora amathathu naye,” kusho uLinks.

ULinks uqale ukudlala kwiPlatinum Stars eminyakeni edlule ngaphambi kokuthi athole ikhaya kwiPyramids yase-Egypt.

NgoJanuwari 2018 ubuyelile kuleli wajoyina iCity. Ube nemidlalo ewu-26 ngesizini edlule washaya amagoli amahlanu njengoba esewelela phesheya.