UMENGAMELI weRoyal AM, uShauwn Mkhize, uthi uzokwenza lokhu “akuzwa kulungile” futhi akuzwa kufanele ngemuva kwesigameko sangeSonto sokungena nemali enkundleni ngemuva kokunqoba kwabo bedlala neMaritzburg United koweDStv Premiership.
Kuma-video asabalele ezinkundleni zokuxhumana ngemuva komdlalo, uMaMkhize nendodana yakhe engusihlalo weqembu, u-Andile Mpisane, bebehambisana nezinye izikhulu zaleli qembu bephethe imfumba yemali, kumenyezwa amagama abadlali.
Akuqali ukuthi uMaMkhize neRoyal AM babe ngondabuzekwayo. Ngaphambi kwesigameko sangempelasonto, bebejwayele ukubonakala kumakhamera kwithelevishini bephethe isipikha futhi bedansa uma imiphumela ibahambela kahle enkundleni.
“IRoyal AM ihlale inezinkinga futhi izinkinga zayo zizohlala zinje. Angikaze ngiguqule lokho abantu abakucabangayo kodwa ngizohlale ngenza engikuzwa ngaphakathi futhi engibona ukuthi kulungile ngaleso sikhathi, ” kusho uMaMkhize etshela izintatheli eThekwini, ekuqaleni kwaleli sonto.
IRoyal AM yaqeda endaweni yesibili kwi-GladAfrica Championship ngesizini eyedlule, yagcina ihlulekile ukunyukela esigabeni esiphezulu ngesikhathi ichithwa yizinkantolo ngokuphindelela izama ukuvimba iSekhukhune United ukuthi igcotshwe ngokusemthethweni njengompetha.
Ayilisebenzisanga ithuba layo lokuzama ukungena ngokunqoba imidlalo yokuhlunga njengoba yakhetha ukungalubhadi kuyo yonke le midlalo. Igcine iphumelele yangena kwiDStv Premiership ngokuthenga igunya leBloemfontein Celtic lokudlala esigabeni esiphezulu.
Ayiqalanga kahle esigabeni esiphezulu kodwa zijikile izinto ngemuva kwekhefu lemidlalo yeFifa njengoba isikwazile ukunqoba emine ilandelana, ihlula iChippa United, Kaizer Chiefs, TS Galaxy neMaritzburg, lapho kwenzeke khona isehlakalo semali.
“Ngizizwa ngingcono futhi njengoba sike sisho, uNkulunkulu unesikhathi lapho ekubusisa khona kube sengathi uyabukisa. Yisona leso sikhathhi manje," kuqhuba uMaMkhize. "Lokho akusho ukuthi kuzohlale kuhamba kahle ngale ndlela, sisazoqhubeka nokuthatha umdlalo ngamunye.
“Angiyena umuntu odikibala kalula, angicabangi ukuthi ngiyisehluleki futhi abantu abangizungezile bahlale belindele okuhle. Ukubumbana yikona okusisizayo, thina nomqeqeshi nabadlali siyimbumba."
Khonamanjalo; kulindeleke ukuthi uMaMkhize nezinye zezikhulu zeqembu, okubalwa kuzona noMpisane, babhekanae nekomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League njengoba umshushisi, uNande Becker, etshele iSowetan Live, ukuthi uzobavulela icala mayelana nesigameko sangeSonto.