SITHEMBISO MKHIZE
UFISA ukuhamba ezinyathelweni zomkhaya wakhe uBenni McCarthy umgadli weTS Galaxy, uWayde Lekay, ohlulwe yiphenathi bebambana ngeqanda neKaizer Chiefs emasontweni edlule.
ULekay, obedlala kwiSteenberg kwiGladAfrica Championship ngaphambi kokujoyina amaRockets, uthe ngesikhathi ekhula ubebuka konke okwenziwa nguMcCarthy.
Njengoba esethole ithuba lokudlala esigabeni esiphezulu uzokwenza kanke okusemandleni ukuthi ahambe ezinyathelweni zakhe. Uyavuma ukuthi insimbi iyashisa kwiDStv Premiership kodwa uzimisele ukushaya okungenani amagoli awu-20 kwisizini ka-2020/21.
“Ngisakhula, konke ebholeni bengikubuka kuMcCarthy. Ngiqale ukumlandela evalela amagoli esadlala e-England nakwi-Orlando Pirates. Uyena yedwa kuleli oseke wawina i-Uefa Champions League. Ngibonga kakhulu kwiTS Galaxy ngokunginika ithuba. IDStv Premiership ngizoyenza isitebhisi esizongisondeza ezingeni likaMcCarthy,” kusho uLekay.
ULekay ungomunye wamasosha kaDan “ Dance” Malesela ocija amaRockets. Emidlalweni emithathu awakahluwa. Asanqobe owaMaZulu ngegoli elilodwa eqandeni.
ULekay uyena oshaye elokunqoba.
Emdlalweni odlule neKaizer Chiefs uziqhathe noMalesela egeja iphenathi eyayingabanqobisa.
Uthe kwamhlukumeza ukugeja iphenathi.
“Kangifuni ukuqamba amanga, kwangihlukumeza emoyeni ukuyigeja. Nokho kakusasizi ukukhala, ukugeja iphenathi yimpilo yebhola. Lesiya sehlo sengasidlulisa, okwami manje wukubheka phambili ngisize iqembu lami. Okuhle wukuthi ngiwulolu hlobo lo muntu ongadikibali kalula. Uma kuvela iphenathi ngokuzayo, ngisazoyithatha.”
Uthe isifiso sabo wukuqhubeka nokungayitholi induku.
“Kasizile ukuzojika la kwiDStv Premiership, sizoshubisa umbango. Uma sizozinyeza uma sidlala namaqembu athile ngeke sikufeze lokho. Kakukho qembu esilisabayo. Ukuqhubeka nokungahlulwa kwengeza ukuzethemba,” kuqhuba uLakey.
NgoMgqibelo amaRockets azodlala neSwallows eDobsonville Stadium ngo-8.15 ebusuku . ISwallows iyavutha iphuma ekushayeni iTshakhuma FC ngo-2-0 neBloemfontein Celtic ngo-1-0. Kowokuqala zabambana ngeqanda neStellenbosch.
“Kuzoba wumdlalo abalandeli abazowujabulela. ISwallows ishaya ngenqwaba yabadlali bezinga eliphezulu. Nayo izobe ifuna ukuqhubeka nokuwina. Sizobanga nokuba womakoti esigabeni esikhulu. Okuhle wukuthi sithole isikhathi esanele sokulungisa amaphutha esiwenze emidlalweni edlule. Besingekho bukhali phambi kwamapali. NgoMgqibelo kuzoshiyana ukwenza,” kusho uLekay.