Sibusiso Mdlalose
UNOZINTI waMaZulu FC, obuye abe ngukaputeni uSiyabonga “Nqaba” Mbatha, uthi njengabadlali baleli qembu bakuthola kulula ukusebenzisana nomqeqeshi u-Ayanda Dlamini, osanda kuqokwa ngokugcwele kwesokuhola leli qembu ngesizini ezokwethwasa ka-2020/2021 ngaphansi komqhudelwano omusha iDStv Premiership.
AmaZulu azovula ne-Orlando Pirates eJonsson Kings Park, eThekwini ngo-Okthoba 24 ebusuku.
UMbatha (31), ongunozinti wokuqina kuleli qembu, usho kanjena nje kuke kwavela ngasekupheleni kwesizini edlule ngenkathi uDlamini eseyibamba lomqeqeshi, ukuthi uthola ukwesekwa okukhulu kubadlali beqembu futhi bazimisele ngokumfela enkundleni.
UDlamini unikwe umsebenzi wokubamba kwesokuqeqesha ngoMashi, emva kokuthi obengumqeqeshi uJosef Vukusic enikwe ikhefu, eliphuthumayo- nogcine ekhonjwe indlela ngokomthetho ngo-Agasti, ukwazile ukuhlenga leli qembu ezembeni lagcina liqeda isizini ephelile lisendaweni ka-13 kwilog.
“Ukusebenza nomqeqeshi * -Ayanda (Dlamini) kuyinto esiyithokozela kakhulu thina badlali selokhu eqale ukusebenza nathi (ngoMashi).
“Okokuqala nje ungumqeqeshi oluqondayo usikompilo lweqembu, kanti uluqonda kahle nolimi lwebhola, kulula ukuxhumana nawo wonke umdlali,” kubeka uMbatha.
Unabe wathi ngaphandle nje kwalokho ucabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi nabo bengadlali, hhayi abaMaZulu kuphela ukuthi babahloniphe abaqeqeshi balapha ekhaya eNingizimu Afrika ikakhulukazi abamnyama njengoba benza kubaqeqeshi bokufika.
“Nathi-ke sikubone kufanele ukuthi simnike inhlonipho emfanele umqeqeshi * -Ayanda (Dlamini) naleyo ebesimnika yona umqeqeshi obekhona ngaphambi kwakhe (uVukusic),” kusho uMbatha.
UMbatha othi nakuba uDlamini exhumana kalula nabadlali futhi bekuthola kulula ukusebenza naye, kodwa uyakuveza nokuthi lo mqeqeshi “ kuyaphela ukudlala” uma sekusetshenzwa, futhi ufuna ukubona wonke umdlali ezinikela ejimini.
“Kodwa-ke futhi njengabadlali sikuqonda kahle ukuthi umqeqeshi * -Ayanda (Dlamini) uma esesebenza usuke esesebenza, ngakho wonke umdlali kufanele akhombise ukuzimisela nokuzinikela uma sekusetshenzwa ngoba sonke sisemsebenzini.
“Into enhle ngaye wukuthi ubaphatha bonke abadlali ngendlela efanayo, akakhethi phela emasini, kanti-ke uma ubheda akakufihleli ukuthi uyabheda.
“Ukutshela ngqo futhi lokho ukwenza kunanoma yimuphi umdlali.”
USuthu lwagcina ngesizini ka-2011/2012 ukuqeda isizini yePremiership lusendaweni enhle kwi-log lumi kweyesikhombisa.
Ekuqaleni kwale nyanga AmaZulu adayiselwe usomabhizinisi uSandile Zungu, ofike waveza ukumeseka okukhulu uDlamini ethi akathenge abadlali abazoqinisa iqembu. Indawo kanozinti kubukeka engeke azikhathaze ngayo ngoba uMbatha unombango omuhle kuNeil Boshoff noJean Amonome waseGabon.