KULINDELEKE ukuthi kuguge utshani njengoba kuqala ukuhlungwa kwabafana emadodeni kwiSolezwe Soccer Cup ehlanganisa imidlalo yabesilisa neyabesifazane ngoMgqibelo ngo-9 ekuseni eField 1 eHoy Park, eThekwini.
Lo mqhudelwano osubuya ihlandla lesine kusuka wasungulwa, uyadlondlobala ngenxa yesandla sabaxhasi nobuholi bukaMazwi Mkhize ongumengameli weSouth African Football Association (Safa) wesifunda iTheku.
Njengoba lo mqhudelwano waqalwa njengenye yezindlela zokugubha ukuqeda iminyaka engu-20 kweSolezwe ngo-2022, usubalwa neminye ethakaselwa kakhulu emazingeni aphansi okufakazelwa nawukuheha kwawo abaxhasi okubalwa kubona iMushroom Lounge & Cafe, Premier Foods, aQuelle nabakwaLOMS Events.
Amaqembu abesilisa nawabesifazane aphuma kuma-Local Football Association (LFA) ahlukene ngaphansi kweSafa eThekwini, azogadulisana kusuka ngoMgqibelo eHoy Park kuze kuphume azoqhuthana ngoJulayi 13 E-SJ Smith Stadium, eWema.
Inhloso kulokhu wukuqala ukulondoloza umlando wabadlali ngenhloso yokuwugcina ukuze uvele esikhathini esizayo uma kwenzeka bephumelela kunobhutshuzwayo.
Lokhu kwashiwo wuMkhize ngesikhathi wethulwa ngokusemthethweni ngenyanga edlule eMushroom Lounge, eMhlanga.
“Ngesikhathi lo mqhudelwano uqala kwakungathi kuyadlalwa nje kodwa njengoba iminyaka ihamba kuya ngokuya kucaca ukuthi uyadlondlobala.
“Sekuyisikhathi sokuthi kugcinwe umlando wabadlali abadlule kwiSolezwe ukuze kuthi noma sebephumelela bubekhona ubufakazi bokuthi lo mqhudelwano waba nesandla ekuphekweni kwalowo mdlali,” kusho uMkhize.
Amaqembu abesilisa esigabeni samaqoqo ami kanje:
Group A: Home Boys, Napoli FC, Longcroft Falcons
Group B: Tongaat FC, Sylvester FC, Ethekwini Coastal
Group C: Young Movers, Cherrians FC, Newtown Ajax
Group D: Umbumbulu Academy, Hope United, Arena Spurs
Group E: TC France Academy, Sotobe Quality FC, Reunion FC
Group F: Durban Spurs, Menziwa Tigers, Clermont FC
Group G: Mayville Classic, Qadi Nyuswa FC, Hostel FC
Aqhathwe kanje awesifazane kuma-quarter-final:
Babhambe v Msasa Ladies
UMlazi Y Lions v Toti Ladies
MI Future Ladies v Adams Academy
Durban Ladies v MUT Ladies