LILOLIWE izembe kubadlali be-Orlando Pirates iningi labo ebelilizwa ngendaba ijezi ngesizini ka-2021/2022.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi babalelwa ku-12 abadlali beZimnyama abazohlukana nazo ngaphambi kokuqala kwesizini entsha ezoqala ngo-Agasti 6 ngomqhudelwano iMTN8.
Lapha kubalwa nabadlali asebededeliwe okunguThulani Hlatshwayo noGabadinho Mhango osejoyine AmaZulu. Abanye kuvela ukuthi bazobolekiswa kwiRichards Bay esanda kwenyukela kwiDStv Premiership.
Laba badlali nguZakhele Lepasa, Abel Mabaso, Bongani Sam, Ben Motshwari noTebogo Tlolane. Unozinti, uWayne Sandilands, ophelelwa yinkontileka, uzowagaxa emgibeni amagilavu. UKwanda Mngonyama, Terrence Djukamanja, Collins Makgaka nabo babalwa kwabazodedelwa.
"Seluqediwe uhlu lwabadlali abahambayo. Kulaba badlali kukhona asebetsheliwe ukuthi ngeke besabuya ngesizini ezayo. Abanye sebenikiwe izincwadi zokubakhulula eqenjini. Osekusele wukuthi iqembu limemezele. Abanye bazobolekiswa kwiRichards Bay," kusho umthombo weSolezwe.
Isikhulu esiphezulu kwiPirates, uFloyd Mbele, sinqabile ukuphawula ngabadlali abazokhululwa.
"Okwamanje angikho eNingizimu Afrika, ngingaphandle kwezwe. Ngiseholidini. Ngiyoze ngibuye ngesonto elizayo. Neqembu livula ngesonto elizayo," kushaya uMbele ngamafuphi.
IPirates ikhuculula nje, kuvele ukuthi isazingela umqeqeshi ozoyihola ngesizini ezayo kulandela ukwehluleka kukaMandla Ncikazi noFadlu Davids ukuyiwinisa izindebe ngesizini edlule. Leli qembu liqede endaweni yesithupha kwi-log yeDStv Premiership, langakwazi ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yeCaf yangesizini ezayo.
UDavids usekhonjwe indlela. UNcikazi kuthiwa uzoba yiphini lomqeqeshi ozoqashwa. IPirates kufanele ithathe isinqumo nangoMonnapule Saleng ebikade imboleke iSwallows evike izembe ngoLwesithathu.
Ezimnyama ngesonto eledlule zimemezele ukuthi sezisayinise uTapelo Xoki obekuMaZulu FC noNkosinathi Sibisi obengumdlali weLamontville Golden Arrows.
IBay imataniswa nabadlali bePirates nje kuze kube yimanje ayikamemezeli noyedwa umdlali emsayinisile njengoba isinyukele kwiPremiership isuka kwiGladAfrica Championship. Kuyinto eyaziwayo ukuthi izoqinisa iqembu ngabadlali abanesipiliyoni sokudlala kulesi sigaba.
Ngempelasonto edlule usihlalo, uSifiso "Jomo" Biyela, utshele abezindaba ukuthi bazomemezela uma sekufike isikhathi.