XOLILE MPISANE
LIZOHLOMULA ngesamba semali iqembu lakuleli, iKaizer Chiefs, uma linganqoba i-Al Ahly yase-Egypt kowamanqamu weCaf Champions League ozoba seMorocco kusasa ngo-9 ebusuku.
Umdlalo uzokhonjiswa bukhoma kwiSuperSport (202).
Amakhosi azibekisele indawo kowamanqamu ngesikhathi edla iWydad Athletic ngo 1-0 emva kwemilenze emibili, i-Al Ahly yaguqise i-Esperance ngo 4-0.
Iqembu elizophakamisa indebe eMohammed V Stadium kusasa lizogidlabezwa ngesheke likaR36.6 million.
Neqembu elizokhala ngaphansi ngeke lihambe lilengise izandla njengoba lizothola imali enguR18.1 million.
Amaqembu akhishwe kweyandulela owamanqamu azonikwa R12.7 million kanti iMamelodi Sundowns namanye amaqembu aphuma kuma-quarterfinal azothola R9.4 million.
Ngaphandle kwemali, lo mqhudelwano ubaluleke ngenye indlela kubalandeli abaklolodelana ngenkanyezi, esejezini le-Orlando Pirates neSundowns, okungamaqembu amabili aseNingizimu Afrika aseke ayinqoba le ndebe.
Ingcindezi yaMakhosi yaqala ngesikhathi izimbangi zawo ezinkulu iPirates iyithatha ngo-1995, zaphinde zanda izinkulumo isinqotshwa yiSundowns ngo-2016.
Abanye abalandeli beziMpofana abasezinkundleni zokuxhumana sebehlulekile ukulinda ukuthi ize ikhale kathathu indweba kusasa, bakhetha ukuzifakela bona inkanyezi ngaphezu kwebheji leChiefs.
Umdlali weChiefs ogijima emuva nasesiswini, uNjabulo Blom, uthe inhloso yabo ukuthi baluqede ngendlela efanele lolu hambo lweCaf Champions League ngokubuya nendebe.
"Bekungelula ukufika kulesi sigaba, sidlule emidlalweni enzima kakhulu. Sike satibila esigabeni samaqoqo, sayinqoba eminye imidlalo, sabuye sadliwa yinduku kweminye.
"Sazitshela kodwa njengeqembu ukuthi kumele sibhukule, sisebenze ngokuzikhandla futhi singalilahli ithemba. Yizithukuthuku zethu ezisifake kowamanqamu.
"Siwulungiselele ngokufanele lo mdlalo futhi sizofika enkundleni senze konke okusemandleni ukuthi siwunqobe. Ngeke siyibukele phansi i-Al Ahly ngoba siyazi ukuthi bayiqembu elinamava amakhulu kulo mqhudelwano futhi bayingozi," kusho uBlom.
I-Al Ahly eqeqeshwa uPitso Mosimane, iyona evikela indebe. Uma inqoba izobe isiyithatha okweshumi.