LUGCINE lufike esiphethweni udaba lomdonsiswano weKaizer Chiefs nePremier Soccer League (PSL) oluthinta imidlalo emibili yeDStv Premiership engadlalwanga ngoDisemba nyakenye.
UZola Majavu, ongumshushisi wePSL, umemezele ngoLwesibili ntambama ukuthi lolu daba, oseludonse lwaze lwafika enkantolo, luphethiwe kulandela ukuvuma kweChiefs icala ebithweswe lona yikomidi lePSL eliqondisa ubugwegwe.
IChiefs icele kwiPSL ukuthi ingayidlali eyeligi ngoDisemba nyakenye ngoba ikhala ngokuhaqwa yiCovid-19 ekhempini.
Kuthe uma iligi ingayingeni eyesicelo seChiefs, udaba lwabikwa kumahluleli weSouth African Football Association (Safa), uNazeer Cassim, osekuwumlando ukuthi uvune leli qembu laseNaturena.
Akuzange kwehle kahle lokhu esigungwini esiphezulu sePSL, esiqome ukuludlulisela enkantolo udaba ngoba singavumelani nesinqumo sikamahluleli weSafa.
UMajavu uthe iPSL ivunywe inkantolo ngoMeyi 10, okulandelwe ukuthi abeke iChiefs icala (ngokungayidlali imidlalo emibili yeligi neCape Town City neLamontville Golden Arrows).
Amakhosi alivumile icala kwalandela isigwebo, ngokusho kukaMajavu.
“IKaizer Chiefs ilivumile icala ebibekwa lona kwase kulandela ukuqondiswa ubugwegwe lapho itholakale khona isephutheni. Ngemuva kwalokho sibe sesihlanganisa amakhanda ngesigwebo okuyisona esifanele lokhu abebesolwa ngakho,” kusho uMajavu ethimbeni labezindaba lePSL.
“Ikomidi lePSL eliqondisa ubugwegwe linqume ukuthi iChiefs ihlawuliswe u-R200 000 kodwa uhhafu wakhona ulengisiwe ngesivumelwano sokuthi ngeke itholakale isephutheni elifanayo ezinyangeni ezingu-12 ezizayo.
“Ukuhlalelwa phansi kwaleli cala ngezinye izindleko ezizokhokhwa yiChiefs ngaphezulu kuka-R100 000 wesigwebo.
“Uma sekuhlanganiswe kahle konke, izimfanelo zokukhokha zizothunyelwa yiligi kwiChiefs. Lokhu kusho isiphetho salolu daba,” kusho uMajavu.
Ngesikhathi eqashwa uMajavu wayeqinisekisile ukuthi kuyothi kusongwa isizini abe esequlwe wonke amacala ayewafice elenga.
Sekuwumlando ukuthi iChiefs ikhale ngaphansi ngo-2-1 kwi-Arrows neCity kulandelana, kuyona le midlalo egcine idlalwa ngenyanga edlule.