ZAKHELE XABA
Tshakhuma Tsha Madzivhandila (1) 2
Kaizer Chiefs (0) 1
LIYAYISHONELA iKaizer Chiefs ezabalazela ukungena kwiTop 8 njengoba iphinde yalahla amaphuzu ihlulwa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, izolo ebusuku.
Igoli leChiefs lishaywe nguLebogang Manyama esiwombeni sesibili. Awe-TTM abekwe enethini nguThabo Rakhale noThabo Mnyamana esiwombeni ngasinye.
Amakhosi angene enkundleni ebheke ukuqoqa amaphuzu agcwele kulandela ukubanjwa yiBloemfontein Celtic ngempelasonto edlule. Kule sizini iChiefs ingena, iyaphuma kwi-Top 8 ngenxa yokuhluleka wukugcina umgqigqo. Ukuhamba kwemidlalo iChiefs ihluleka ukucosha amaphuzu kusho ukungena engcupheni yokungayidlali iMTN 8 ekuqaleni kwesizini ezayo. Amakhosi asalelwe yimidlalo emine ukuthi azame ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano.
Umdlalo weTTM neChiefs, bekungowokuqala womqeqeshi uDylan Kerr esebhentshini kulandela ukulunga kwemvume yakhe yokusebenza eMzansi emahoreni ambalwa ngaphambi kokuqala komdlalo.
Izolo, iChiefs ikhombise ukuwuphatha umdlalo usaqala kodwa ihluleka uma isifike phambili. Emuva kwesikhathi eside onozinti bezipholele, uBruce Bvuma, obesemapalini eChiefs, uchilizele ngaphandle ishodi likaMnyamana ngomzuzu ka-22.
Ngoka-38 iChiefs ingene obishini uNjabulo Blom ethola ikhadi eliphuzi lesibili emuva kokudonsa uNdabayithethwa Ndlondlo ngaphandle kwebhokisi. Leyo free-kick ishaywe nguMnyamana, yashaya ipali, yashayisa kuBvuma wayicosha. Sekusele imizuzu emithathu, uRakhale ulibeke esifubeni, waqobela phakathi ibhola eligotshwe nguMnyamana kwesokudla.
Esiwombeni sesibili, iChiefs ibuye yazama ukucindezela kodwa iTTM ibikhombisa ukuba yingozi uma ithola ibhola. Unozinti weTTM, uWashington Arubi, ugcine ekutholile azokwenza echithela phezu kwepali ibhola elingqofwe nguSamir Nurkovic ngomzuzu ka-51.
Ngomzuzu ka-65 unompempe uVictor Hlungwane unikeze iChiefs iphenathi emuva kokuthi u-Ayanda Nkili edlalise kabi uNurkovic ebhokisini. Ishaywe nguManyama kodwa wayibamba u-Arubi. UManyama uyilandelile, wamjika, wayiqobela phakathi. Sekubalwa imizuzwana kuphele umdlalo, uHlungwane uyikhombe emlotheni emuva kokuthi uSiyabonga Ngezana ebambe ibhola ngesandla ebhokisini. Ishaywe phakathi nguMnyamana
Emdlalweni olandelayo, iTTM ebalekela izembe izobhekana neChippa United kowamanqamu weNedbank Cup eFree State Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Ngokunqoba lapha inyukele endaweni ka-14 ngamaphuzu awu-25.
IChiefs sekuzomele iyozama ukulwela amaphuzu agcwele uma isidlala neSwallows ngoLwesithathu oluzayo. Ngalolu suku iTTM izobe idlala neSuperSport United.