SIBUSISO MDLALOSE
KUSEMNYAMA ngeqembu uPhakamani Mahlambi (23) azosayina kulo njengoba kuvela ukuthi umqeqeshi weqembu lakhe iMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi akayizwa kahle indaba yakhe nakuba esenenkontileka neqembu laseChloorkop.
Yize kunemibiko ethi umqeqeshi weTS Galaxy, u-Owen Da Gama, uyafuna ukumnika ithuba kodwa ethintwa yiSolezwe ngeSonto lo mqeqeshi uphike walala ngomhlane eyokuthi ucathamela uMahlambi.
Ngesifanayo nakuMaZulu FC abebolekiswe kuwona ngesizini edlule njengoba ehluleke wancama ukugeza igilo umqeqeshi waleli qembu, uBenni McCarthy. Weqiwe yijezi oSuthwini, wadlala imidlalo emithathu kuphela isizini yonke ephelile.
Imibiko iveza ukuthi lo mgadli onejubane eliyisimanga, uziqeqesha yedwa ekhaya, eNgoje, lapho azalwa khona, njengoba kungakacaci ukuthi uya kuliphi iqembu ngesizini ezoqala.
Kwenzeka lokhu nje sekuvela namahlebezi athi lo mgadli ugaqelwe nguGavin Hunt osanda kuthatha izintambo kwiChippa United, no-Owen Da Gama oqeqesha iTS Galaxy, ngenhloso yokumboleka.
UHunt, okunguyena owakhuphulela uMahlambi esikimini esikhulu seBidvest Wits ngo-2015 eseneminyaka engu-18, ucashunwe yi-KickOff.com kuleli sonto ezivumela yena ukuthi angamnika ithuba lo mdlali inqobo nje uma ezoshintsha indlela yakhe yokuziphatha.
UDa Gama osebenze noMahlambi kwiBafana Bafana nakwi-Under 23 naye okuvela ukuthi usha amashushu ngokunika lo mgadli ithuba, uphike wama ngentaba ebuzwa yiSolezwe ngeSonto ngalo mdlali.
"Lapha kwiTS Galaxy sinenqubo enokucophelela okukhulu uma sekuziwa kubadlali abadedelwayo nabasayiniswayo, kubalwa nalabo esifuna ukusebenza nabo. Konke kwedlula kusihlalo (uTim Sukazi) kuqala andukuba kwenziwe noma hlobo luni lwesimemezelo.
Ngakho-ke okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula ngabadlali abakhululiwe nasebesayinisiwe. Lokho kuzokwenziwa ngohlelo olusemthethweni lweTS Galaxy maduze nje," kusho uDa Gama.
UMahlambi obebatshazwa ikhono ekuqaleni kwakhe ibhola elikhokhelayo ngesizini ka-2015/2016 uphazanyiswe wukulimala, okucishe kwaqeda ngekusasa lakhe ebholeni kodwa wakwazi ukubuya ekulimaleni. Ujoyine i-Al Ahly yase-Egypt isizini eyodwa, wabuya njengoba ethengwe yiSundowns ngo R13 million.
Ukudlanga kokwehlulwa wukuziphatha kwalo mdlali okuvela ukuthi uthanda kakhulu impilo yasebusuku, kuholele ekutheni eqiwe yijezi eChloorkop.
Imizamo yokuthinta imenenja kaMahlambi, uGlyn Binkin, kayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela lolu daba engatholakali ocingweni lwakhe, engaphenduli nomlayezo athunyelelwe wona ngoWhatsApp.