Sibusiso Mdlalose
Lokhu kushiwo ngumhlaziyi webhola uBongani Yengwa, othe nakuba kubukeka kungase kuwubeke engcupheni umsebenzi kaKomphela ukwehluleka kwakhe kule sizini ukufaka i-Arrows kuTop 8, kodwa kusezandleni zabaphathi beqembu ukuthi bathatha siphi isinqumo ngekusasa lakhe emuva kokusongwa kwemidlalo yesizini ka-2019/2020.
UKomphela (53), othathe izintambo zokuqeqesha Abafana Bes’thende kuClinton Larsen maphakathi nesizini ka-2018/19, uhlulekile ngesizini edlule ukufaka leli qembu kwiTop 8 laqeda lisendaweni ka 10 kwi-log yePremiership, ekubeni ngesizini ka-2016/17 neka-2017/18 beliqede endaweni yesishiyagalombili ngokulandelana.
Kanti kuyiphindile futhi okwangesizini edlule ngoba nakule esongwayo lihlulekile iqembu ukungena kwiTop 8.
Empeleni ezikaKomphela azenzanga kahle neze selokhu kubuywe ekhefini leCovid-19, zishaywe kane zadlala ngokulingana kabili emidlalweni eyisithupha ngaphambi kowayizolo obekungowokugcina eziwudlale neChippa United, e-Orlando Stadium, eSoweto.
“Bonke abaphathi bamaqembu ePSL baba nezivumelwano nemigomo ethile abayibekela abaqeqeshi bawo kuwo wonke amasizini. Abanye banikwa umgomo wokufaka iqembu kwiTop 4, abanye kwiTop 8, kanti abanye ukuphephisa iqembu ezembeni.
“Emaqenjini anjengoKaizer Chiefs, Orlando Pirates noSundowns, umgomo abaqeqeshi bawo ababekelwa wona ngowokunqoba isicoco seligi, noma-ke esinye isicoco uma bengakwazanga ukunqoba iligi. Kanti-ke eqenjini elinjenge-Arrows namanye athathwa njengamancane, umgomo ovame ukubekelwa abaqeqeshi kuba ukufaka iqembu okungenani wiuTop 8 noma kwiTop 5.
“Ngakho-ke ngesimo sikaKomphela nokungenzi kahle kweqembu muva nje sekukubaphathi bayo-ke njengamanje ukuthi bavumelane ngokuthini nalo mqeqeshi ngaphambi kokuqala kwesizini, nokuthi yimiphi imigomo abamubekele yona ngaphambi kokuthatha isinqumo ngekusasa lakhe,” kusho uYengwa.
“Khona kuyiqiniso ukuthi ukungenzi kahle kweqembu muva nje, nokuhluleka kukaKomphela ukulifaka kwiTop 8 amasizini amabili elandelana kubukeka kungamdalela amazinyo abushelelezi. Kodwa-ke konke sekusezandleni zabaphathi beqembu ukuthi bathatha siphi isinqumo ngekusasa lakhe,” kusho uYengwa.
Uphinde wacacisa nokuthi kwesinye isikhathi kuya nangokuthi umqeqeshi usuke enalo yini uhlobo lwabadlali aludingayo ukufeza leyo migomo, asuke ebekelwe yona yiqembu.
UKomphela uqede amasizini amabili nohhafu kwiKaizer Chiefs ehluleke ukuyinqobela isicoco, ngaphambi kokuthi qu kwiBloemfontein Celtic ashiye kuyo isigubhukane ekhala ngezinkinga ebezikhungethe leli qembu laseFree State, ngaphambi kokujoyina Abafana Bes’thende.