ISAZOVELA phambi kwekomidi lePremier Soccer League (PSL) lokuqondisa izigwegwe ukuzobhekana namacala amabili iKaizer Chiefs, ngokusho komshushisi wale nhlangano, uZola Majavu.
NgoLwesihlanu Amakhosi azoziphendulela ngecala lokusebenzisa abadlali abangafanelekile emdlalweni wabo weDStv Premiership neSekhukhune United ngoDisemba nyakenye.
NgokwePSL laba badlali ababili, u-Aiden McCarthy noMduduzi Shabalala, babengabhaliswanga kwiDStv Premiership kodwa babebhaliselwe iDStv Diski Challenge.
Yize behlale ebhentshini umdlalo waze waphela ngesikhathi iChiefs idlula ngo-2-0 kulo mdlalo kodwa bathathwa ngokuthi babeyingxenye yawo njengoba babebhaliwe ohlwini lwabadlali.
IChiefs izophinde ivele ngoLwesibili mayelana nodaba lwemidlalo emibili engazange iyidlale ngoDisemba nyakenye ngenxa yokubheduka kweCovid ekhempini yayo.
Ekuqaleni u-Adv Nazeer Cassim wanquma ukuthi Amakhosi avunyelwe ukuthi ayidlale le midlalo njengoba ukubheduka kweCovid kwakuyisimo esasingaphezu kwamandla aleli qembu kodwa isigungu esiphezulu sePSL sakhetha ukusibuyekeza leso sinqumo.
Le midlalo igcine idlaliwe, iChiefs yahlulwa ngo-2-1 ibhekene neLamontville Golden Arrows kanye neCape Town City kodwa ngokusho kukaMajavu, udaba kusamele luxazululwe yiPSL.
“Kusaqhubeka udaba obeluvele lukhona phambilini engalihoxisa ngemuva kokuthi u-Adv Cassim ethole iChiefs ingenacala ngenxa yokuthi ayikho into eyayingayenza ngesikhathi ihlaselwe yiCovid," kusho uMajavu.
"Isigungu esiphezulu sePSL, njengoba sasinegunya eliphelele, sakhetha ukusiphikisa leso sinqumo. Ngenxa yalokho ngabona kungcono ukungaqhubeki naleli cala, ngilinde isinqumo seNkantolo eNkulu.
“Manje ngingaqinisekisa ukuthi kuqediwe eNkantolo eNkulu ngoMeyi 20 futhi ngingaqinisekisa ukuthi sichithiwe isinqumo sika-Adv Cassim.
"Ngenxa yalokho nginqume ukuqhubeka necala engangilimisile, okusho ukuthi iKaizer Chiefs kusamele ize phambi kwekomidi lokuqondisa izigwegwe izoziphendulela ngokungalibhadi kule midlalo.
"Ngiyazi ukuthi leyo midlalo iphinde yahlelwa kabusha yadlalwa yiKaizer Chiefs namaqembu athintekile. Nokho, imiphumela yawo ayikushintshi ukuthi kukhona umthetho owaphulwa."
USihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, naye uzovela kwiPSL ngoLwesine oluzayo ukuzophendula ngamacala okwehlisa isithunzi iligi ngenxa yokuphawula kwakhe ezinkundleni ezahlukene zabezindaba.
Khonamanjalo, i-Orlando Pirates ifake isicelo sokuphikisa isinqumo esisanda kuphuma esithole leli qembu linecala odabeni oluthinta ukugxazwa kukasihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, e-Orlando Stadium.
AmaBhakabhaka ahlawuliswe u-R100 000 kodwa lesi sigwebo besizolengiswa izinyanga ezingu-12, kwaphinde kwathiwa ababhale incwadi yesixoliso bese bekhokha izindleko zokuqulwa kwecala.
I-PSL izomemezela imiphumela yala macala ahlukene uma esephothuliwe.