URULANI Mokwena oqeqesha i-Orlando Pirates akakawini nowodwa umdlalo selokhu ethathe izintambo kuMilutin Sredojevic osecija iZamalek yase-Egypt Isithombe: BACKPAGEPIX

INGWEVU evimbele i-Orlando Pirates eminyakeni edlule uPatson “Sparks” Banda, ibona ibamba lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uRulani Mokwena, engakavuthwa ngokwanele ukuthi usengapheka lezi zinkunzi zaseSoweto.

Ngokusho kukaBanda, kungakuhle ukuthi uMokwena (34) anikwe ithuba kodwa impumelelo uyibona icikizela kulo mqeqeshi osemncane kwiPirates.

Sekuphele imidlalo eyisithupha iBucs inganqobi ngaphansi kukaMokwena. Lo mqeqeshi uthathe izintambo kuMilutin “Micho” Sredojevic ngemuva kokusula isigubhukane kwalo mqeqeshi waseSerbia.

Abaningi bebebona kuyithuba elihle leli lokuba uMokwena azibonakalise kwazise ubenconywa ngamagalelo akhe kwiMamelodi Sundowns enqobe isicoco seCAF Champions League ngo-2016.

Nokho kubukeka izinto zingakamvumi kahle njengoba eZimnyama seziphume emiqhudelwaneni emibili okuyiMTN 8 neCAF Champions League.

“Hhayi mina angiboni kahle indaba kaRulani. Besilokhu sizwa kuthiwa ubegila izimanga kwiSundowns kodwa lokho asikakakuboni. Uma kuwukuthi nguyena obenza iSundowns idlale kahle, ngabe pho bekuyini umsebenzi kaPitso Mosimane? Yithuba leli lokuthi azibonakalise kodwa ngokwami ibhola eselidlalwa yiPirates selokhu kuhambe uMicho aligculisi neze,” usho kanje uBanda.

Egcizelela inkulumo yakhe, uBanda uthe akamboni uMokwena eba nempumelelo kuleli qembu.

“Anginanxa naye kodwa iPirates yiqembu elikhulu. Engikubonayo futhi ukuthi selokhu kuhambe uMicho iqembu alisahlaseli ngendlela efanayo. Nokudlala nje kwalo akusagculisi kahle,” kunezezela uBanda.

Ukhuluma lezi zindaba nje uBanda, uSredojevic uphakamise isicoco se-Egyptian Cup nezakhe iZamalek ngempelasonto.

Emidlalweni emihlanu edlalwe yiZamalek kulo mqhudelwano ishaye amagoli amahlanu, yangangenelwa nayigoli.

“Abalandeli bePirates balahlekelwe ngumqeqeshi osezingeni eliphezulu kakhulu futhi owaziyo nowuhloniphayo umsebenzi wakhe. Akukho nokukodwa ashoda ngakho, futhi ubeseqeqeshe emazweni amaningi e-Afrika. Bengichazwa yindlela iPirates ebidlala ngayo ngaphansi kwakhe ngoba ibinenhloso. Iqiniso ukuthi ube neshwa kwiPirates, zangamvuma izicoco. Ukunqoba kwakhe isicoco i-Egyptian Cup kucacisa ngokusobala ukuthi inkinga ibingekho kuyena,” usho kanje uBanda.

UMokwena nezakhe bazobhekana neChippa United emdlalweni we-Absa Premiership ngoMgqibelo, e-Orlando Stadium, ngo-3 ntambama.