XOLILE MPISANE
I-ORLANDO Pirates izonikela emdlalweni wayo omqoka weCaf Confederation Cup kuphezulu ukuzethemba ngemuva kokubhudluza iStellenbosch ngo-3-0 koweDStv Premiership ngoLwesithathu.
Bese siside isikhathi Ezimnyama zinganqobi nobekwenza njalo abaqeqeshi bayo, uMandla Ncikazi noFadlu Davids, bacule ihubo elilodwa lokuba buthuntu phezu kokwakha inqwaba yamathuba amagoli.
IStellies iyona ebithwelwe ngeqoma ngaphambi kwalo mdlalo ngenxa yokuthi ibisendaweni engcono kwi-log futhi ingakaze ihlulwe kwiligi selokhu iqalile isizini.
Kodwa igoli likaCollins Makgaka namabili avalelwe nguDeon Hotto aweze eZimnyama kulo mdlalo obuseDanie Craven Stadium eStellenbosch.
“Ngijabule kakhulu ngendlela esidlale ngayo, ikakhulukazi emizuzwini engu-15 yokuqala,” kusho uDavids. “Sijwayele ukuqala kahle siwuphathe umdlalo emizuzwini engu-30 yokuqala kodwa kulokhu umehluko wukuthi sikwazile ukushaya amagoli.
"Kungijabulisile lokho, ngiphinde ngajatshuliswa yindlela esiwulawule ngayo umdlalo waze waphela. Isu lokucindezela izitha engxenyeni yazo yenkundla liyasisebenzela kodwa ngenye inkathi siyahluleka ukuzijezisa. Kulokhu sikwazile ukubaphuca ibhola ezindaweni ezibucayi futhi sathola amagoli.“
UDavids ukholelwa ekutheni ukunqoba iStellenbosch kuzoliqinisa iqembu lakhe njengoba selilungiselela umdlalo wokuhlungela amaqoqo kwiConfederation Cup neLPRC Oilers yaseLiberia.
Umlenze wokuqala uzodlalelwa eSamuel Kanyon Doe Sports Stadium eMonrovia ngeSonto ntambama ngo-6, owesibili uzoba se-Orlando Stadium ngoDisemba 5. Iqembu elizonqoba imilenze emibili lizodlulela esigabeni samaqoqo.
“Bekubalulekile kubadlali ukuthi siwunqobe lo mdlalo ngoba ngaphambilini besidlala kahle kodwa singayitholi imiphumela ebesiyifuna,” kuqhuba uDavids.
“Besingawashayi amagoli ebesiwadinga kodwa asizange sidikibale, siqhubekile sazimisela.
“Uma usebenza ngokuzikhandla, ekugcineni uyaba nenhlanhla futhi uwuthole umvuzo wokusebenza kanzima. Kube yishwa ukuthi asikwazanga ukuthola amagoli amane kodwa ngibajabulele kakhulu abadlali.
"Manje sesibheke umdlalo weCaf. Sinomsebenzi obalulekile osilindile eLiberia. Kufanele sithole umphumela omuhle ukuze sikwazi ukungena esigabeni samaqoqo.
"Kunabadlali abangabhalisiwe kulo mqhudelwano ngakho-ke kuzoba nezinguquko. Noma kunjalo, into esigxile kuyona manje wukuthola umphumela omuhle ekuhambeni."
AmaBhakaniya akhiphe iDiables Noirs yaseCongo ukuze afinyelele kulesi sigaba, iLPRC Oilers yakhishwa kweyokuhlungela iCaf Champions League.
IMarumo Gallants, esemsileni kwi-log yeDStv Premiershp, nayo isasele kwiConfed Cup, izodlala neTP Mazembe eDR Congo ngeSonto ngo-4 ntambama. Umlenze wesibili uzoba kuleli ngoDisemba 5.