XOLILE MPISANE
KUZOKWENZEKA okungajwayelekile eqoqweni likaGroup F, kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqale ngeSonto, eCameroon njengoba kunamaqembu amathathu akuleli qoqo ayeqhathwe ndawonye, nango-2019.
ITunisia, iMali neMauritania bazophinde batholane phezulu kanti kulokhu bazobe behlangene neGambia, ezobe iqala ukudlala kulo mqhudelwano.
Ngo-2019 yiMali neTunisia abaqeda phezulu eqoqweni, iMauritania yagcina ibambe ibhuleki ngemuva kweZambia. Kulokhu iMauritania izobe ibheke ukuthi icoshe amaphuzu okungenani kwiGambia.
Tunisia
Isiteketiso: Carthage Eagles
Umqeqeshi: Mondher Kebaier (Tunisia)
ITunisia ingelinye lamaqembu okunzima ukuqagela ukuthi azodlala kanjani kodwa ijwayele ukufinyelela okungenani esigabeni sama-quarterfinal.
Inqobe isicoco ngo-2004 kanti idliwe kabili kowamanqamu, ngo-1965 nango-1996.
ICarthage Eagles idlale kahle ngesikhathi sokuhlungela i-Afcon, inqobe imidlalo emihlanu yadlala ngokulingana kowodwa. Yenze kahle nakweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, lapho idliwe emdlalweni owodwa kuphela. Iqhubekile nefomu enhle kwi-Arab Cup edlalwe ngoDisemba nyakenye, iguqiswe yi-Algeria kowamanqamu.
Abadlali okubalwa kubo ukaputeni uYoussef Msakni nomgadli uWahbi Khazri, kuzodingeka babe sezingeni eliphezulu ukuze iqembu liqhubekele phambili.
Mali
Isiteketiso: Eagles
Umqeqeshi: Mohamed Magassouba (Mali)
IMali ingelinye lamaqembu asezibeke ethubeni lokunqoba isicoco se-Afcon kaningi kodwa sekuyinjwayelo ukuthi igcine iqhuzuke emdlaweni owandulela owamanqamu.
Ama-Eagles afika kowamanqamu ngo-1972 adliwa yiCongo. Asekhishwe kowandulela owamanqamu izikhawu ezinhlanu, ngo-1994, 2002, 2004, 2012 nango-2013.
Aqhwakele eqoqweni lawo ngesikhathi kuhlungelwa i-Afcon, aqeda engashaywanga kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, nokufanele kumkhuthaze umqeqeshi uMagassouba.
Kulindeleke ukuthi u-Ibrahima Kone, odlalela iSarpsborg yaseNorway, ahambe phambili noKalifa Coulibaly, odlalela iNantes, yaseFrance. Esiswini ithemba labo lizobe likubadlali abangobizo, u-Adamu Malouda Traore no-Adamu Noss Traore.
Mauritania
Isiteketiso: Lions of Chinguetti
Umqeqeshi: Didier Gomes Da Rosa (France)
IMauritania yenze kahle iqeda endaweni yisibili ngemuva kweMorocco yazibekisela indawo kwi-Afcon okwesibili.
Nokho akubahambelanga kahle kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba, nokuyinto obekufanele ibakhombise ukuthi kusamele bakhuphule amasokisi ukuze benze kahle kulo mqhudelwano.
Okuhle wukuthi bayakwazi okumele bakulindele kwiTunisia neMali, babeqhathwe nabo nango-2019. Empeleni kungenzeka ukuthi sebekhathele ukubhekana neTunisia kwazise bebeseqoqweni elilodwa nakweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
U-Adamu Ba, ogijima kuRS Berkane yaseMorocco, no-Aboubakar Kamara, we-Aris Thessaloniki yaseGreece, bangabanye babadlali okulindeleke ukuthi bashayele iqembu amagoli. Umqeqeshi uphinde waqoka nabadlali abasebancane, uBeyatt Lekweiry (16), noMohamed El Mokhtar (19).
The Gambia
Isiteketiso: Scorpions
Umqeqeshi: Tom Saintfiet (Belgium)
IGambia iqede eqoqweni layo lokuhlunga iqhwakele idlula iGabon, Democratic Republic of Congo, ne-Angola.
Umqeqeshi uSaintfiet, uqale ukubamba izintambo kumaScorpions ngoJulayi ka-2018, anqoba umdlalo wokuqala eminyakeni emihlanu. Yize noma eqhubekile nokuthuthukisa iqembu kodwa bakhona abasamgxeka ngokuthi iqembu alihlaseli kakhulu.
IGambia ikleliswe phansi kunawo wonke amazwe azodlala kulo mqhudelwano kodwa inabo abadlali abadlala ibhola elihle. Esiswini igabe ngo-Ebrima Sohna, noMusa Barrow kanti umgadli weFC Zurich, u-Assan Ceesay, nguyena okuzomele aqedele amathuba phambili.