SIZOVALWA ngokushesha isikhala sobengumgadli weTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), uRhulani Manzini, okhonjwe indlela kulandela ukungqimuza ngezibhakela uzakwabo ejimini.
UManzini uxoshwe kwiTTM ekupheleni kwesonto eledlule emuva kokulahlwa yicala lokushaya umdlali wasemuva u-Alfred Ndengane. Laba ababili kuvele ukuthi badlalisane kabi ngesikhathi iqembu lizilolonga, kufakwe abadlali ngabahlanu eqenjini ngalinye. Kuthiwa uManzini noNdengane, basunduzene, bahilizisana, uManzini walahla ngequpha kuNdengane.
Isolezwe lithole ukuthi namuhla iTTM izomemezela abadlali abasha okuhloswe ngabo ukuqinisa iqembu njengoba litabalasa ngasemsileni we-log yeDStv Premiership. Kulaba badlali kubhekwe umgadli noGeorge Lebese wodumo kwiKaizer Chiefs ophoqeke ukunqamula inkontileka yakhe neColorado Springs Switchback yase-US ngenxa yeCovid-19.
"URhulani simkhululile eqenjini emuva kokulahlwa yicala lokushaya uzakwabo kumahluleli ozimele. Yena ubekade emelwe yinyunyana yabadlali (South African Football Players' Union). Zonke izinhlangothi zanelisekile ngomphumela wecala. UNdengane ushayiwe. Kuzona zonke ke izindawo zokusebenza uma ushaye uzakwenu kusuke sekuphelile. Kusasa (namuhla), sizomemezela abadlali abasha nezinye izinguquko eqenjini," kusho uRufus Matsena oyisikhulu seTTM.
Okunye okubhekwe ukuthi kuhlale obala namuhla yindaba yomqeqeshi. Izintambo zokuqeqesha okwamanje zibanjiswe uMpho Maleka noDavid Mathebula. Kukhona noDylan Kerr okuthiwa ungumcebisi wabaqeqeshi.
"Isimemezelo sizosenza kusasa ngendaba yomqeqeshi nokunye okuzokwenzeka eqenjini. Lapho sizocacisa nendaba kaKerr. Okwamanje sinabo abaqeqeshi, uMaleka noMathebula. Ngicela ukugcina lapho," kusho uMatsena.
Namuhla ngo-3 ntambama, iTTM izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo. ISundowns izihola phambili kwi-log ngamaphuzu angu-40 emuva kwemidlalo engu-18. I-TTM isendaweni ka-16 ngamaphuzu engu-19.
Khonamanjalo izolo iChippa United imemezele ukuthi isiqashe uLuc Eymael njengomeluleki wethimba labaqeqeshi ngemuva kokuxosha uDan Malesela ngempelasonto. UMalesela ukhonjwe indlela kulandela ukubhaxatshulwa ngo 5-1 iMaritzburg United koweligi.
U-Eymael kuthiwe uzoluleka ibhentshi elizobe lisabanjwe uSiyabulela Gwambi kuze kube wukuthi iChilli Boys ivumelana nabaxhasi bayo ngokuqasha lo mqeqeshi. Isitatimende esithunyelwe izolo siveze nokuth iqembu lisalinde imvume kwiSouth African Football Association (Safa) mayelana nokuqasha u-Eymael. Kuzokhumbuleka ukuthi ngoDisemba iChippa yayifuna ukumqasha kodwa yavinjwa yiSafa imsola ngokucwasa ngokwebala kulandela isigameko sokwethuka abalandeli ngezinkawu eTanzania lapho ayeqeqesha khona iYoung Africans.