KULINDELEKE ukuthi likhuphuke izinga lebhola elizodlalwa emqhudelwaneni webhola, Isolezwe Cup, okhuza ibuya ngasekupheleni kwenyanga.
Umqhudelwano wanonyaka uthulwe ngokusemthethweni emcimbini obubanjelwe e-Onomo Hotel, eThekwini, izolo emini. Kubuye kwaqhathwa namaqembu azobanga izicoco.
Amaqembu abesilisa nawesifazane aphuma kuma-Local Football Association (LFA) angu-21 angaphansi kwe-South African Football Association (Safa), eThekwini, azogadulisana kuze kuphume izingqwele kusukela ngoMashi 30 kuya ku-Ephreli 1.
Ngesikhathi usungulwa ngo-2022 wawuyingxenye yemibhiyozo yokugubha ukuthi leli phephandaba lalihlanganisa iminyaka engu-20, isasasa elaba khona liholele ekutheni uphinde ubuye.
Umhleli weSolezwe, uMnuz Thulani Mbatha, uthe inhloso wukuthi udlalwe minyaka yonke futhi ugcine ufinyelele kuzona zonke izindawo lapho kunabafundi baleli phephandaba, ungapheleli eThekwini.
"Kuyisifiso sethu njengephephandaba ukuthi sihlale siphakathi kwabantu. Ngenxa yokuthi ibhola liyingxenye enkulu yomphakathi esisebenzisana nawo, sibone ukuthi lena ngenye yezindlela engasisiza sixhumane nawo," usho kanje.
"Yithuba lokuthi sidlale, sibuke ibhola, sijabule nemindeni nabangani bethu. Ibhola linalowo umlando wokuhlanganisa abantu. Sibona ukuthi lokhu esikwenzile eThekwini kuzokwenza umehluko.
"Sinethemba lokuthi imbewu esiyitshale namhlanje izokhula size sifinyelele nakwezinye izindawo ngaphandle kweTheku. Siyabonga ukuthi iSafa eThekwini isamukelile ukuthi siqale lapha, sizothi sesifika kwezinye izindawo eminyakeni ezayo umqhudelwano usukwelinye izinga."
I-LFA ngayinye kulawa angu-21 angaphansi kweSafa eThekwini idlale imidlalo yokuhlunga ukuze ikhiphe iqembu elizoyimela. Amanye ama-LFA asaqhubeka nemidlalo yokuhlunga kwabesilisa ezophothulwa maduze.
Umengameli weSafa eThekwini, uMnuz Mazwi Mkhize, uthe: "Ubaluleke kakhulu lo mqhudelwano. Akubona kuphela abadlali abazuzayo kodwa Isolezwe ligqugquzela onompempe, abaqeqeshi, nabanye abathintekayo ebholeni, abanye babo abangabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme.
"Ngesikhathi imidlalo iqhubeka bonke bazobe bekhombisa ubuciko babo. Isolezwe lenza umsebenzi omkhulu ngalo mqhudelwano ngoba zonke le zinhlaka zizohlomula."
Iqembu elaphakamisa indebe kwabesilisa ngo-2022, i-Ethekwini Coastal, ngelinye lamaqembu asezibekisele indawo. Lizobe limele i-Amantimtoti LFA. I-Coastal yaguqisa iCherrians ngo 2-0 kowamanqamu.
Kwabesifazane, indebe yathathwa yiKwaMashu Ladies ngo-2022 ithela phansi iDurban University of Technology ngo 4-2.
*Amaqembu abesilisa asazomenyezelwa uma sekuphothulwe yonke imidlalo kodwa aqhathwe kanje esigabeni samaqoqo:
Group A: uThongathi LFA, Umbumbulu LFA, Reunion LFA
Group B: Amanzimtoti LFA, Umkhomazi, Durban South
Group C: Durban Central, Pinetown South, Umlazi
Group D: Clermont, Ntuzuma, Pinetown LFA
Group E: Hammarsdale, Inanda, KwaMashu
Group F: Verulam, Greater Hillcrest, Phoenix
Group G: Greater Cato Ridge, Isipingo LFA, Chatsworth
*Awesifazane asedlale aze afika kuma-quarter-final, lapho eqhathwe khona kanje:
MUT Ladies / Future Stars v Babhambe Ladies
Molweni Warriors v Brazil Academy
Lamontville Ladies v Adams City Ladies
Msasa Ladies v Toti Ladies