Ezemidlalo Ibhola

Kuzophundleka aweCosafa kowe-Last 16 ye-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

UPeter Shalulile ongumgadli weNamibia ezotholana phezulu ne-Angola ngoMgqibelo kowe-Africa Cup of Nations Isithombe:BackpagePix

ELILODWA emaqenjini esizwe angaphansi kweCosafa, okubekwe ithemba kulona, nezwe elilodwa phakathi kwamabili aseyidle amahlandla ayisishiyagalombili i-Africa Cup of Nations (Afcon), lizowasha ijezi ngoba umqhudelwano usungena kuvuthondaba.

Imidlalo yamaqoqo ye-Afcon edlalelwa emadolobheni ahlukene e-Ivory Coast, isongwe ngoLwesibili ebusuku. Kusale ngaphandle amazwe afike kulo mqhudelwano ethwelwe ngeqoma.

Kuphuke amarekhodi emidlalweni yamaqoqo futhi kwenzeka obekungalindelekile lapho ofishi abancane bedle abakhulu.

Phakathi kwamazwe akhale ngaphansi kungalindelekile, eqhulwini kuhleli ompetha bango-2019 okuyi-Algeria, nabango-2004, iTunisia.

Namuhla ngoMgqibelo luyasuka ushikishi lwesigaba se-Last 16 lapho kuzoba nokukhala nokugedla kwamazinyo futhi amehlo azobe ethe njo emdlalweni wosokhaya i-Ivory Coast nompetha, iSenegal.

I-Afrika eseningizimu, ibithumele amazwe amahlanu e-Ivory Coast kodwa iZambia neMozambique bahluleka ukudlula kweyamaqoqo yize bedlale kahle.

Kwamathathu adlulele phambili, amabili awo azobhekana kowokuqala womkhumulajezi, ophakathi kwe-Angola neNamibia, eStade Bouake ngo-7 ebusuku.

Lokhu kuqinisekisa ukuthi iCosafa izolahlekelwa ngelinye iqembu. ICosafa isizothembela kwelizosala, nakwiBafana Bafana ezobhekana neMorocco ngoLwesibili ngo-10 ebusuku, eSan Pedro.

Omunye umdlalo obhekwe ngabomvu uphakathi kweNigeria neCameroon, abanomlando wokudla isicoco se-Afcon amahlandla ayisishiyagalombili ngokwehlukana.

Yize iNigeria, neCameroon, bengabanga ngamanye amaqembu adlale kahle kweyamaqoqo kodwa akungatshazwa ukuthi kuzosiphuka izidindi uma sebehlangene. Okusalayo wukuthi oyedwa kompetha bakudala, uzoliwasha ijezi.

Sekuphele iminyaka engaphezulu kwewu-10, iNigeria igcine ukudla isicoco kodwa iCameroon, (eholwa nguRigobert Song, onengcindezi yokwenza kahle), isanda kusithatha ngo-2017 iqeqeshwa nguHugo Broos osepheka iBafana.

Ngaphandle kwango-2017, iCameroon ibe ngompetha base-Afrika ngo-1984, 1988, 2000 nango-2002.

ISuper Eagles idle isicoco se-Afcon ngo-1980, 1994 nago-2013 emqhudelwaneni obubanjelwe eNingizimu Afrika.

Isiyonke imidlalo ye-last 16 ye-Afcon ididiyelwe kanje:

Namuhla

Nigeria v Cameroon

Angola v Namibia

Kusasa

Equatorial Guinea v Guinea

Egypt vs D.R Congo

NgoMsombuluko

Cape Verde v Mauritania

Senegal vs Ivory Coast

NgoLwesibili

Mali v Burkina Faso

Morocco vs South Africa