IStellies isesicongweni se-log yeDiski ngamaphuzu angu-61. Ilandelwa yiSuperSport United ngawu-59.
Kusasa elinye lamaqembu lizoba ngompetha abasha beDiski ngoba kuzodlalwa eyokugcina. IStellies izovala neTS Galaxy eTsakane Stadium ngo-12 emini. Ngaleso sikhathi, iSuperSport izobe igadulisana neRoyal AM eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Uma iStellies ingawina iligi yeDiski izoba yiqembu lokuqala laseWestern Cape, eliphakamise indebe. Iqembu elizowina lizoya e-USA, ngenyanga ezayo.
UVellios uthe akukho ukuzethemba kuze kweqe kubadlali bakhe.
"Bakhombisa ukuvuthwa okuyisimanga. Akukho ukuzithwala kubona nakuba sinethuba lokuwina iligi ngempelasonto. Bayakuqonda okufanele bakwenze. Uma singaphumelelanga ukuwina iligi kuyoba yibhola nje kodwa ngeke sikhale ngemiqondo yabo. Ngeke sikubalekele ukuthi kukhulu okulindeleke kithina. Kodwa senza isiqiniseko sokuthi siyakuvimba konke lokho. Sizosebenza kanzima njengoba kade senza isizini yonke. Nginethemba lokhu sizowina," kusho uVellios, owayeqeqesha i-University of Pretoria.
Umdlalo weStellies noweSuperSport uzovezwa kwiSuperSport 202 nakwi-209. Uma kungena igoli komunye umdlalo, kuzoshintshelwa kuwona ngaleso sikhathi bese kukhonjiswa ushintsho kwi-log yeDiski Challenge, ngesikhathi imidlalo iqhubeka.
I-log izokhombisa namaqembu asengene kwiDiski Shield ezodlalwa ngoJulayi ngamaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu kwi-log. Ngesikhathi imidlalo idlala, abathandi bebhola bezobe benikezwa ukusuka nokuhlala kwayo ekhasini kwiTwitter i-@Asidlali nele-facebook, i-Asidlali.
Umqeqeshi weSuperSport, uThabo September, uthe abadlali bakhe abakhombisi ukwethuka nakuba bedinga ukuwina noma yikanjani ukuze bazibeke ethubeni lokuwina iligi.
"Wumdlalo omkhulu kakhulu lona esibhekene nawo. Kodwa abadlali bami bakhululekile. Kungenzeka ukuthi bazoqala ukwethuka ngoLwesihlanu noma ngoMgqibelo. Asibafaki ingcindezi. Sebevele benze umsebenzi oncomekayo kule sizini. Kufanele siwine kwiRoyal AM ukuze sizibeke ethubeni," kusho uSeptember.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - Ngo-9.30am: Maritzburg United v Mamelodi Sundowns (Mpumalanga Stadium); Orlando Pirates v Swallows (Takane Stadium).
Ngo-10am: Chippa United v Golden Arrows (Wolfson Stadium);
Marumo Gallants v Sekhukhune United (Old Peter Mokaba Stadium); Cape Town City v AmaZulu (Malta Park Sports Complex); Kaizer Chiefs v Baroka (FNB Stadium).
Ngo-12pm: Royal AM v SuperSport United (Mpumalanga Stadium); TS Galaxy v Stellenbosch (Tsakane)