KUZOPHELA ukuqagela ngoLwesine ukuthi wobani abadlali abenze kahle kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini edlule uma sekumenyezelwa abahlomule ngemiklomelo.
Abaqokiwe bamenyezelwe ngesonto eledlule. I-PSL ithe umcimbi wokuklomelisa uzokuba ngo-Okthoba 22. Uzoba ngohlelo lwe-virtual kusetshenziswa ubuchwepheshe be-internet. Kuke kwaba nokungabaza ukuthi uzoba khona yini umcimbi ngenxa yeCoronavirus.
Umgadli weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic, uPeter Shalulile obedlalela iHighlands Park nabadlali beMamelodi Sundowns, uThemba Zwane noGaston Sirino bazobanga umklomelo omkhulu wePSL Footballer of the Season.
“Kulokhu bane abazobanga esikhundleni sabathathu ngenxa yokuthi babambene ngamavoti ngesikhathi kuqokwa. Ukuvotelwa kwePSL Footballer of the Season kwenziwa ngabaqeqeshi kuphela,” kusho isitatimende sePSL.
UZwane uzobuye ashubise umbango kowe-Absa Premiership Players' Player of the Season. Ubanga nokaputeni wezakhe uHlompho Kekana nomdlali weKaizer Chiefs uLebogang Manyama. Lo munxa wona uvotelwa ngabadlali abangavumelekile ukukhetha labo abadlala emaqenjini awodwa nabo.
Eminye iminxa imi kanje:
Absa Premiership Coach of the Season
Ernst Middendorp (Kaizer Chiefs)
Pitso Mosimane (Mamelodi Sundowns)
Eric Tinkler (Maritzburg United)
Absa Premiership Young Player of the Season
Bongokuhle Hlongwane (Maritzburg United)
Goodman Mosele (Baroka FC)
Sphesihle Maduna (AmaZulu)
Absa Premiership Goalkeeper of the Season
Daniel Akpeyi (Kaizer Chiefs)
Denis Onyango (Mamelodi Sundowns)
Ronwen Williams (SuperSport United)
Absa Premiership Defender of the Season
Daniel Cardoso (Kaizer Chiefs)
Rushine De Reuck (Maritzburg United)
Motjeka Madisha (Mamelodi Sundowns)
Absa Premiership Midfielder of the Season
Lebogang Manyama (Kaizer Chiefs)
Thabo Nodada (Cape Town City)
Themba Zwane (Mamelodi Sundowns)
MTN8
MTN8 Last Man Standing
Clayton Daniels (SuperSport United)
Bradley Grobler (SuperSport United)
Ronwen Williams (SuperSport United)
TELKOM KNOCKOUT
Telkom Knockout Player of the Tournament:
Judas Moseamedi (Maritzburg United)
Gaston Sirino (Mamelodi Sundowns)
Hlompho Kekana (Mamelodi Sundowns)
NEDBANK CUP
Nedbank Cup Most Promising Player
Keletso Makgalwa (Mamelodi Sundowns)
Evidence Makgopa (Baroka FC)
Sifiso Ngobeni (Bloemfontein Celtic)
*(under 23)
Nedbank Cup Player of the Tournament
Terrence Dzvukamanja (Bidvest Wits)
Victor Letsoalo (Bloemfontein Celtic)
Motjeka Madisha (Mamelodi Sundowns)