Ezemidlalo Ibhola

Kuzomcijela iBafana uGoss ukudlala neDowns e-Afrika

Malibongwe|Published

Ricardo Goss osayise kwiMamelodi Sundowns esuka kwiBidvest Wits. Isithombe: Ryan Wilkisky/BackpagePix

UKUSAYINA kukaRicardo Goss kwiMamelodi Sundowns, kwamukelwe ngemibono ehlukene kwazise uyobanga ijezi nezinsephe ezinjengoDenis Onyango noKennedy Mweene. Lokhu kungase kuthikameze izinhlelo zokungena kwiBafana Bafana kodwa insephe eqenjini lesizwe nakumaBrazilians, uJohn Tlale ibona ngenye indlela.

UTlale obevima ngesikhathi iSundowns isacijwa nguTed Dumitru lapho yaqopha umlando wezicoco ngesizini eyodwa ngo-1997/1998, uthe uGoss (26) usayine kahle kwiSundowns kodwa wasemshiya neziluleko ezizomqinisa embangweni wejezi.

“Kufanele simbongele umfana ngokuthola inkontileka eqenjini elinjengeSundowns. Ngiyaqonda ukuthi lukhona uvalo lokuthi uzophazamiseka ezinhlelweni zeqembu lesizwe ngenxa yokuthi ubanga ijezi nabantu abanjengo-Onyango ongunozinti ovelele e-Afrika,” kusho uTlale eseFree State, lapho aphethe khona ibhizinisi lokwakha.

“Okumqoka wukuthi laba bantu (u-Onyango noMweene) atshelwa ukuthi uyobanga nabo ijezi, sebekhulile ngakho nguye ozoba yikusasa ezinhlelweni zabaqeqeshi.

“Okumqoka okumele akwenze yena wukulilwela manje ijezi, angadikibali uma kuphela isizini engadlalanga ngendlela afisa ngayo.

“Inhlanhla yakhe wukuthi iSundowns idlala e-Afrika (sekunamasizini angaphezu kwamahlanu ingaphuthi kwiCaf Champions League).”

Ngempela uMweene onqobe i-2012 Africa Cup of Nations neZambia, uhlanganisa iminyaka engu-36 yobudala ngoDisemba kanti u-Onyango uhlanganise engu-35 ngoMeyi.

Kukhona noReyaad Pieterse ohlanganisa u-29 ngoFebhuwari kodwa yena akavimbi njalo kwiSundowns nokubukeka sengathi uGoss engameqa kwazise kwiBidvest Wits, ushiye esegqoka ibhande likakaputeni.

UTlale uthe yize uGoss engahlehla ezinhlelweni zeBafana okwamanje kodwa ukuqina kokhakhayi azokuthola ngokuhamba neSundowns e-Afrika, kuzomenza asheshe alithathe ijezi nakulo iqembu lesizwe.

“Okwakhe wukufunda konke angakwazi komakadebona u-Onyango noMweene nokudlala neSundowns e-Afrika. Lokho kuzomsiza uma sekubangwa ijezi kwiBafana. Ngimbona efike ngesikhathi esihle impela kwiSundowns,” kusho uTlale.

Uhlabe wawuhlakaza uTlale umkhuba wokuthi abaqeqeshi bavimbise omunye unozinti emidlalweni yeligi, bese abanye benikwa imiqhudelwano yomkhumulajezi.

“Iqiniso okumele silibheke lapha wukuthi ibhola wumdlalo wemiphumela. Uma-ke uyithola imiphumela efunekayo, ushintshelani?

“Nami kwiSundowns bengike ngivimbe imidlalo engu-28 kuthi eminye iwele kuRonnie Kanalelo. Bekudingeka kube khona ukubekezela.”

URICARDO Goss okuphele isizini esanda kusongwa esengumdlali weMamelodi Sundowns, welulekwa yinkakha ngokuthi akabekezele ngoba angagcina esengumangqingqiza kuleli qembu ngenxa yokuthi uvunwa yiminyaka kunoDenis Onyango noKennedy Mweene Isithombe: Backpagepix