IROYAL AM igqemeke udume lwengozi ngesikhathi inkantolo ephakeme yaseGauteng ichitha isicelo sayo lapho leli qembu belisola iPremier Soccer League (PSL) ngokuqhubeka nemidlalo yokuhlunga ekubeni inkantolo "iyimisile".
Leli qembu elinosihlalo omncane kubano bonke kwi-PSL, u-Andile Mpisane, belicele inkantolo yaseGauteng ukuba ithwese i-PSL icala ngokuqhubeka nale midlalo.
NgokweRoyal AM, i-PSL yawushaya indiva umyalelo wenkantolo kaJali uNyathi owawuthi, akumiswe yonke into kuze kube lolu daba luyasongwa.
Namuhlanje ijaji u-L Windell lisichithile lesi sicelo seRoyal AM lizeseka ngokuthi akukho obekuvimba i-PSL ukuthi iqhubeke nemidlalo yokuhlunga.
Izindleko zecala zizokhokhwa iyona iRoyal AM.
IRoyal AM ibifuna kube iyona emenyezelwa njengompetha beGladAfrica Championship okuhamba nokukhushulelwa esigabeni esikhulu, hhayi iSekhukhune United.
ISekhukhune eyasonga imidlalo yeligi yeGladAfrica Championship endaweni yesibili, izithole ikhushulelwa esicongweni kulandela isinqumo sikamahluleli weSafa, owanika leli qembu amaphuzu amathathu ngecala lePolokwane City elenze ngasekuqaleni konyaka.
Lokhu bekusho ukuthi iRoyal AM kumele iyodlala kweyokuhlunga njengeqembu eliqede endaweni yesibili kodwa ayizange ilubhade lapho.
Amanye amaqembu agcine edlalile kweyokuhlunga iChippa United neRichards Bay FC.
NgoMgqibelo iRoyal AM kulindeleke ukuthi liqondiswe izigwegwe yikomidi lamacala lePSL lapho lisolwa khona ngokuhudulela phansi isithunzi seligi ngokungayingeni eyokuba yingxenye yeyohlunga.
Isinqumo senkantolo sanamuhla sikubeka kucace ukuthi akukho obekuvimba i-PSL ukuba ingaqhubeki nemidlalo ngoba isinqumo sika-Jaji uNyathi saphelelwa amandla ngoJuni 18 mhla ijaji uSutherland DJP enqaba ukubuyekeza isinqumo ayesevele esenzile lapho ayevumelana khona nomahluleli weSafa, uHilton Epstein.
NgokukaJaji uWindell, isinqumo seJaji uNyathi sasivele singahlangene nokuthi iliphi iqembu eliqede lisesicongweni futhi sifana nento engekho ngoba yinqobo nje uSutherland engasibonanga isidingo sokuguquka esinqumweni sakhe.