ISITHOMBE sikaBongi Ntuli sibekwe ephaseji laseMoses Mabhida Stadium, lapho bekunenkonzo yesikhumbuzo yakhe ngoLwesibili ntambama Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
OWAYENGUMDLALI weLamontville Golden Arrows neMamelodi Sundowns, uSiyanda Zwane, uxwayise abadlali bebhola ngokuvezela nanoma ngubani izifiso zabo ngenxa yomona ogcwele ezweni.
UZwane ukusho lokhu enkonzweni yesikhumbuzo yomdlali waMaZulu FC, uBongi Ntuli, ngoLwesithathu ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UZwane owadlala noNtuli kwiGolden Arrows nakwiSundowns, yize ubengekho ohlwini lwezikhulumi kule nkonzo yesikhumbuzo kodwa ubehamba nabanye abangani bakaNtuli, abebezobhonga emswaneni.
“Ngiyafisa ukuthi abadlali bakithi kebakugweme manje ukuvezela nanoma ngubani izifiso zabo, nasezinkundleni zokuxhumana.
“Le nto yokuthi umuntu ahambe ememezela uma kukhona into ahlela ukuyenza empilweni yakhe, iyingozi kulesi sikhathi esiphila kusona ngenxa yomona okhona ezweni.
Ngikhuluma nje namanje asikayazi ngempela into eyenza uSpepe (Siphamandla Mtolo) aquleke ejimini, ashone. Angisho ukuthi ngithini ngokushona kukaMdeva kodwa ngiyacela kubadlali kebayeke ukutshela wonke umuntu ngezifiso zabo, nasezinkundleni zokuxhumana, kukhona abangakuthandi okuhle,“ kweluleka uZwane.
UNtuli udlule emhlabeni ngeSonto ntambama. Iqembu liveze ukuthi odokotela bathole ukuthi ujuqwe umdlavuza obese usabalale ezingxenyeni eziningi emzimbeni. Bonke abebekhuluma ngokushona kwakhe, bazwakalise ukushaqeka ngoba engazange agule isikhathi eside.
UMtolo owayekungakaputeni weRichards Bay FC washona ngoMashi, engazange agule ngemuva kokuquleka ejimini, waphuthunyiswa esibhedlela washonela endleleni.
Oyiphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uthe: "UBongi ungomunye wabadlali engisebenze nabo kwiSundowns, ukuzithoba kwakhe nokusebenza ngokuzikhandla yikho okwangigqamela kakhulu kuyena. Phezu kokuba ebengalitholi njalo ithuba lokudlala," kusho uMngqithi, odlulise nomyalezo ophuma kuPitso Mosimane, owayeqeqesha uNtuli kwiSundowns.
UMato Madlala, oyisikhulu esiphezulu kwiPremier Soccer League (PSL) esisabambile, nongusihlalo we-Arrows, uthe: "UNtuli ufike emncane kwi-Arrows, cishe eno-15 ubudala, ekhombisa ukuba ngumfana ozimisele kakhulu ngebhola. Izinto zisheshile njengoba ehambe esemcane nje futhi eseshadelwe, okusho ukuthi uMdali ubesenezinye izinhloso ngaye."
UNtuli uzofihlwa ngoLwesine. Inkonzo yomngcwabo kuthiwe izobanjelwa e-The African Congregational Church, eCliffdale.
Related Topics: