XOLILE MPISANE
Stellenbosch FC (0) 0
Orlando Pirates (2) 3
KUFEZEKE amazwi omqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi ezakhe zibhaxabula iStellenbosch FC ngo 3-0, emdlalweni weDStv Premiership obuseDanie Craven Stadium.
EZimnyama zingene kulo mdlalo kade zibambane ngo 0-0 neLamontville Golden Arrows ngempelasonto, nokwenze uNcikazi wakhala ngamathuba abawamoshayo phambi kwepali. Nokho lo mqeqeshi ubehlalele ethembeni lokuthi bazowathola abe maningi amagoli, uma beqhubeka nokuhlasela.
Bekungokuqala iStellies yehlulwa koweligi kule sizini, njengoba ibisinqobe imidlalo eyisihlanu, yadlala ngokulingana kweyisithupha, ngaphambi kwalo mdlalo.
Umdlalo uqale ngegiya eliphansi, womabili amaqembu esafundana kodwa amaBhakaniya asheshe azikhombisa ukuthi awazimisele ukuhlala emuva, yize ebedlalela ekuhambeni.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-20 ngesikhathi uDeon Hotto engqofa ibhola ebeligotshwe nguBandile Shandu, uCollins Makgaka walivalela phakathi eseduze.
Kudlule imizuzu emibili kuphela ngaphambi kokuthi uHotto azitholele elakhe igoli. Uphuce ukaputeni weStellies, u-Alan Robertson, ibhola ngaphandle kancane kwebhokisi wabe eselinamathelisa enethini esebhekene ngqo, nonozinti.
EzikaSteve Barker, zizamile ukubuyela emdlalweni ngomzuzu ka-24 nge-freekick eyingozi kaJunior Mendieta kodwa imthole evule amehlo uSiyabonga Mpontshane, wavele waliphebezela eceleni kwepali ibhola.
AmaBhakaniya abuye esashisa ngesiwombe sesibili, alinweba igebe ngegoli lesibili likaHotto, oqedele umnyakazo omuhle obuwenziwe nguKwame Peprah noMakgaka.
Isitobha seziMnyama esidabuka eNigeria, u-Olisa Ndah, besesicabanga ukuthi sithole igoli laso lokuqala kuleli qembu ngomzuzu ka-76, saphikiswa ngumsizi kanompempe osibone sisemhlabeni ongafanele.
UMendieta ubengakalilahli ithemba lokushayela ezakhe igoli kulo mdlalo waphinde wadonsa intambo ekude ngomzuzu ka-86, ibhola lakhe lashaya ipali.
Lo mphumela ushiye iPirates endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-12. I-Stellenbosch sisahleli endaweni yesibili ngamaphuzu angu-21.
AmaBhakaniya asebheke umdlalo wokuhlungela iCaf Confederation Cup ngeSonto, azowudlala ekuhambeni neLPRC Oilers yaseLiberia, iStellies sizoqhubeka neDStv Premiership ngalo iSonto, uma isibhekene neRoyal AM.