SuperSport United (1) 1
Kaizer Chiefs (0) 0
I-SUPERSPORT United ibuyisele iKaizer Chiefs kwamhlaba ngesikhathi iyishaya ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership odlalwe ngoLwesithathu ebusuku, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Lokhu kuholele ekutheni ingxenye yabalandeli beChiefs balinde umqeqeshi uMolefi Ntseki, base bemjikijela. Nokho abamtholanga njengoba ephume enkundleni esegadwe amaphoyisa asheshe ayisola ingozi. Lesi sigameko sibonakele kwithelevishini ngemuva kokuthi lo mqeqeshi eqede ukukhuluma nabeSuperSport. Lesi siyigameko sesibili kule sizini kuhlaselwa umqeqeshi njengoba abanye abalandeli benza ngemuva kokwehlulwa iTS Galaxy.
IChiefs ifike kulo mdlalo ihambela phezulu kwazise ibingayazi induku emidlalweni yeligi emithathu.
Ngomzuzu wesibili, iChiefs izwe sengathi iyasha ngesikhathi, uTerrence Dzvukamanja, eyibhabhadisa ngoswidi wegoli.
Kulo mdlalo iChiefs ibuyise kuwona, u-Itumeleng Khune, ezintini obekungokokuqala eqala umdlalo kusukela kule sizini.
Sekungumlando nokho ukuthi umsebenzi kaKhune wokuqala kulo mdlalo kube ukucosha ibhola enethini kulandela ukungena kwegoli okusobala ukuthi liyifice isabanda iChiefs.
Konke iChiefs ebikuhlelile kushintshe umdlalo uqala obekungenye yezinto ebiyenza iSuperSport ihlale iyingozi kuyona ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
EzikaMolefi Ntseki ziwatholile amathuba okulinganisa esiwombeni sokuqala yize ebengekho sobala kodwa awele koChristian Salie, Jasond Gonzalez no-Ashley du Prees, bekumele okungenani kusebenze elilodwa.
Isiwombe sesibili sonke bekusaqhubeka iChiefs nokuhlasela kulandelana futhi ngemizuzu yokugcina bese kungathi ithenjiswe izulu nomhlaba kwazise ibisiqhinqile engxenyeni enkulu yeSuperSport.
Unozinti weqembu lasekhaya, uRicardo Goss, ubelilamulela kanti okunye obekumsiza ukubakhona phambi kwakhe, koSiyanda “Magazi” Xulu noThulani “Tyson” Hlatshwayo bobabili abanaso sonke isipiliyoni.
Ngomzuzu ka-75, uKeenan Bezuidenhout, obesanda kungena uyeke ithuba elilula lokwandisa amagoli eSuperSport kulandela iphutha likaKhune.
Lo nozinti uze wenza amaphutha nje, ingoba bekufana nokuthi uvakashile esiwombeni sesibili kwazise iqembu lasekhaya belingasahlaseli.
UGonzalez ugcine ekhishiwe ngasekugcineni kwafakwa uRanga Chivaviro, obelandela, oPule Mmodi noMduduzi Mdantsane, bonke abangene esiwombeni sesibili. IChiefs sekumele iyozama ukuzibuyisela enjabulweni ngokukhipha iMamelodi Sundowns kwiMTN8. La maqembu azodlala kowomlenzeni wesibili kweyandulela owamanqamu eMTN8 ngoMgqibelo. Umlenze wokuqala eFNB waphela ngo 1-1.