STHEMBISO NGOBESE
OWAYENGUMDLALI weBafana Bafana ne-Orlando Pirates eminyakeni edlule, uBenson Mhlongo, ukhomba ngomunwe ezinye izimenenja zabadlali ngokuboza kweqembu lesizwe lakuleli.
IBafana iphoxe isizwe ngokuhluleka ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ozokuba seCameroon ngonyaka ozayo.
Lokhu kuholele ekutheni inhlangano eyengamele ibhola iSouth African Football Association (Safa), ithathe isinqumo sokuxosha obengumqeqeshi uMolefi Ntseki.
Namuhla kulindeleke ukuthi iSafa ihlangane ukubhunga ngomqeqeshi omusha ozoqashwa njengoba iBafana imelwe imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eqala ngoJuni. INdebe yoMhlaba izoba seQatar ngonyaka ozayo.
UMhlongo uthe njengomuntu owake wagijima kuyona eminyakeni edlule kumphathe kabi kakhul ukuhluleka kwaleli qembu ukujabulisa isizwe phezu kokuba beliseqoqweni ebelibukeka lingenzima. Eqoqweni leBafana kugcine kudlule iGhana neSudan ukuya kwi-Afcon.
Uqhube wathi ukungenzi kahle kweBafana ukubhekisa kakhulu kwezinye izimenenja zabadlali. Uthe yizona ezibuye zibe nomthelela omkhulu ekuqokweni kwabadlali abasuke bezomela leli qembu ngaleso sikhathi.
“Kuyishwa elikhulu ukuthi iBafana igcine ihlulekile ukuzibekisela indawo kwi-Afcon. Bekumele nakanjani nathi sibalwe namazwe akwazile ukuzibekisela indawo kodwa lokho kugcine kungenzekanga.
“Inkinga enkulu laphaya kwiBafana, ngezinye zezimenenja zabadlali okuyizona ezihlale zihlohloloza abaqeqeshi beqembu lesizwe ngabadlali abangaphansi kwazo ngoba zisuke zifuna ukudla kahle ngalabo badlali abasuke bebiziwe,” kusho uMhlongo owadlala imidlalo engu-31 kwelesizwe.
Le nkakha iqhube yathi: “Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi kulandwa phesheya kwezilwandle umdlali ongumsinsi wokuzimilela kodwa esisuke singamazeli lutho ebholeni lakuleli ngenxa yokuthi usuke engadlalanga kwiligi yakuleli. Into eyenziwa yizimenenja zabadlali-ke, zinikeza abaqeqeshi beqembu lesizwe amavidiyo lapho umdlali ongaphansi kwazo esuke enza kahle kuphela bese kuthi uma umdlali esebiziwe ukuthi akazodlala phela kodwa uvele ubone nje ukuthi lo muntu akakufanele nhlobo ukuba seqenjini lesizwe.”
UMhlongo uthe umqeqeshi ozoqashwa kuzomele aqine angavumeli ukutshelwa abantu abangahlangene ngomsebenzi.
“Ngicabanga ukuthi uma sifuna ukubona iBafana yenza kahle esikhathini esizayo kuzomele sibe nomqeqeshi ozokuba nomgogodla oqinile ongeke adosnwe ngekhala ngabanye abantu abasemaceleni ngokuthi kumele umsebenzi wakhe awenze kanjani,” kusho uMhlongo.