KUYACACA ukuthi kungani umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ebambelela odongeni oluyinsika yeqembu, okunguSiyabonga Ngezana noZitha Kwinika, yize benze amaphutha bephindelela ngesigamu sokuqala sesizini ka-2022/2023.
Emidlalweni engu-13 yesigamu sokuqala, iChiefs inqobe eyisithupha.
Ngaphandle kwamagoli kaCaleb Bimenyimana, odlisela ogageni uPeter Shalulile ngamagoli, okugqamile ngemidlalo yeChiefs, ngamaphutha ezitobha nokwenze bangenelwa ngamagoli angu-15. Ngamagoli amaningi ukuwedlula wonke amaqembu amane ebalwa nawo phezulu.
Yize kunjalo kodwa abadlali abayibambe kwiChiefs, uMorgan Gould noJosta Dladla, bakholwa wukuthi uZwane usazoqhubeka nokuthembela kuKwinika noNgezana.
“Njengamanje uZwane unabadlali abaziyo ukuthi kumele bamudlalele ngoba usebabekezelele kaningi benza amaphutha bephindelela,” kusho uDladla.
“Emakhanda abo sekukhona ukuthi, ‘Eyi! Kumele siphakamise amasokisi ngoba uma kungahle kuhambe lo mqeqeshi, ozofika maningi amathuba okuthi asikhombe emnyango’.
“Kwabanye abaqeqeshi uma uzokwenza amaphutha amasonto elandelana, awube usalithola ijezi. Ngikhuluma ngabaqeqeshi abanjengoGavin Hunt nje kanje, abangenasikhathi. UZwane kodwa uyakhombisa ukuluqonda uhlangothi lokuba ngumdlali. Usababekezelela.”
Yize evumelana noDladla, uGould onqobe iPSL Player of the Season ngo-2010, eyibamba emuva maphakathi odongeni lweSuperSport United, uthi inselelo isekutheni ubagcina ngani besegiyeni laba abangalitholi ijezi njengo-Austin Dube, Eric Mathoho mhlawumbe noNjabulo Ngcobo.
“Okulikhuni-ke wukuthi kukhona abangalitholi ijezi kodwa kusaqhubeka kudlala laba abenza amaphutha. Iqiniso njengamanje wukuthi uZwane akakutholi ukuxhumana akwethembayo azovala ngakho, ikakhulu kubadlali abayibamba maphakathi nenkundla emuva,” kuchaza uGould.
“Laba abasebenzisayo, kuyacaca ukuthi yibo ababona besezingeni elingcono. Inkinga-ke uma usenabadlali abanjengoKwinika abenza amaphutha eminyakeni engu-28 yobudala. Yinkinga leyo.”
UDladla noGould bebengamanxusa eMTN8 egcine inqotshwa yi-Orlando Pirates, emuva kokuthi iChiefs ikhishwe ngaMaZulu kuma-semi final.
IChiefs izohlukanisa unyaka eThekwini, ngoba ibuyela enkundleni ngoDisemba 31, emdlalweni weligi neLamontville Golden Arrows.